Umlilo wezinhliziyo
-
Upload
tebza-miya -
Category
Documents
-
view
233 -
download
1
description
Transcript of Umlilo wezinhliziyo
Umlilo Wezinhliziyo
Abavikeli bomphakathi okungamaphoyisa amasosha kanye nezicimamlilo
bayoyizekela amagwababa echobana impicabadala egilwe ngumphakathi
wasendaweni yaseNtanzini namuhla. INtanzini ayiqhelile esizweni samaNtungwa
esingaphansi kweNdlovukazi yasemaNtungweni. Kuthe ngezithuba zehora lesibili
kwesikabhadakazi kwabizwa izicimamlilo ngenxa yesikole ebesivutha amalangabi.
Izicimamlilo zizamile ukuphuthuma zizolwisana nalomshophi kodwa zafika
umonakalo usuvele udalekile, into ezibambezele kakhulu kube ngumgwaqo
wobhuqu waseNtanzini omigodigodi kanye nezinguzunga zamatshe ebezigqishwe
emgwaqeni kuvalwe ngazo. Izicimamlilo zithe zisakhombisa amangwevu azo
nobuchule zicima esikolweni basebewuhlabile umkhosi esigodini esingaphesheya
ngenxa yomtapo wolwazi obusha ungqongqa nawo. Kube esifanayo futhi njengoba
izicimamlilo zivinjwe ngamatshe emgwaqeni, imoto yezicimamlilo ipoqoke yaphela
ngenxa yombokodo abebedilizwa iqulu lezinsizwa ebezisesicongweni sentaba
zikhuza izaga. Kuwo lowo mnyama kuqubuke amakhulu amalangabi kwaqhuma
isililo emizini emithathu eqhelelene kanye kanye; okungowekhansela eliphethe,
neselazibeka phansi izintambo kanye nowenkosi yesizwe uFuze. Sekusemini
bebade nelanga linsizwa, ngiboshwe isandla sami sahlanganiswa nesandla
sikaNgwazi ngamasongo, ngaphambi kwequlu lamalungu omphakathi elibhekene
ngeziqu zamehlo nabavikeli bomphakathi, abahlome bayizingovolo.
**** **** **** **** **** **** **** **** **** **** **** **** ****
Ngangikhona ngonyaka we-1994, mhla iNingizimu Afrika entsha futhi ekhululekile
isingatha ukhetho lokuqala ngqa olukhululekile. Ngangineminyaka eyishumi
nesishiyagalolunye ngaleyo nkathi. Kusempondo zankomo ngayikhahlela ingubo
ngageza sakuzicwala ngachopha ingqakala yami ngase ngibhinca ibheshu
nembatha lami, ngesandla semfene ngabamba isihlangu sami sakusithwala ngivika
ilanga elalinsizwa esibhakabhakeni kungekho nafu linye. Zonke izinto zazishintshile
ngaleya mini ngoba imini yendlu emnyama yase ifikile isiphila phakathi kwethu kuhle
komlobokazi wekhethelo emzini. Ngahosha isikhwili sami esisha ceke engangisibaze
ubusuku bonke ngasinika igama likaMpumelelo, kanti isihlangu sona sathola
elikaNtuthuko okwase kuyintshumayelo eyayisedosheni labaholi bendlu yakithi.
Ngangena emgwaqeni ngasina ingoma yenjabulo eyayisamkhuleko wokubonga
ukufika kwemini eyayizolinganisa omhlophe nomnyama, ibuyise isithunzi
nokuziqhenya ensizweni nasentombini empisholo. Ngazibona sengihudula ujenga
lomshungu olwaluvunule luconsa lusina kanye nami sibheke esikoleni samabanga
aphansi; iNtanzini Primary School. Lapho sasiyoshaya isiphambano eceleni
kwekhanda elalibonakala liqukethe zonke izethembiso esasizilambele. Eceleni
kwalelo khanda kwakugqama impumelelo nezethembiso zomlomo walo ezabe
seziphumelele yize zingakaqali.
Indlela engasina ngayo yangethusa kakhulu ngoba kwabasengathi
sekungokokugcina ngiphila, kwakungazathi umphefumulo usuyaphuma kowami
umzimba. Kwathi nxa kudedelwa imiphumela ayangangimmangaza ngoba ibala
elinsundu ilona elalinqobile. Kwaphela inyanga yonke isithupha sami singathintwa
lutho olusaketshezi ngithokozele leli bala lo-inki onsundu owawukuso.
Waqala umshikashika wentuthuko nokufeza izethembiso, ngaba vule msakazo wami
welahle kwakhulunywa ngentuthuko. Ngaba thenge phephandaba kwakhulunywa
ngohlahlomali oluhlelelwe intuthuko. Kwaphela iminyaka emine kubanjwa kuyekwa
kwelakithi singaboni kwenzakalani. Kwabizwa umhlangano kwathiwa iyeza
intuthuko, kwathiwa kuyeza ukukhanya kodwa kuzoyoqala koNdabezitha uFuze.
Kuzoqedwa uthuli emgwaqeni ngetiyela kodwa kuzozibulwa ngomzila obheke
koNdabezitha iQadi elikhulu. Kwazitshwa kubhekiwe izintambo nezigxobo zikagesi
zidabula phakathi kweNtanzini nezigodi zayo ezine ubheke ngaphesheya komfula
uMziyonke endaweni iZanyana enezigodi ezimbili. Kwakhanya ngaphesheya
sahlalela ethembeni nganeno nentuthu yamalongwe ethu. Amehlo ethu agcwala
uthuli samuka nemifula nganeno, ngaphesheya koMziyonke yayinhle impilo.
Kwathiwa asivote ngoba nakithi kuyeza okuhle eminyakeni emibili njengoba
umkhumbi unyakaza nje, sambandaza, sangundaza, iminwe bayikhomba
ngaphesheya kwathiwa: ubufakazi bungaphesheya koMziyonke esigodini
sikaNdabezitha. Sagqugquzeleka sathutheleka ezikhungweni kuhle kukaZulu eya
eMakheni siyobeka iziphambano eduze kwekhanda elalithwelwe ngeqoma.
Emva kweminyaka emibili sizibophe ngevoti kwadabula amapayipi amanzi ebheke
ngaphesheya koMziyonke kuyofakwa amanzi eZanyana esigodini sikaNdabezitha
kuphela. Sabukana emehlweni siyiNtanzini. Kwakhiwa inkantolo nomtholampilo
kwesikaNdabezitha isigodi yalibaleka indaba yethu ebesithenjiswe ugesi netiyela.
Sezibheke ehlandleni lesithathu likahulumeni wentando yabantu, imizi ethize
yafakelwa izindlu zangasese eminye yasala ibambe ongezansi, nami ngasala
nginkemile ngoba angilitholanga kodwa angikhathazekanga neze ngoba
kwasemandulo angikaze ngiliswele. Kwathiwa asishone ezikhungweni siyovotela
uMongameli wethu sabuza ukuthi njengoba silokhu siyiphakamisa nje lendoda,
isidonsa nini yona kulo mgodi omnyama esikuwona. Kwathiwa ngowezi-2010 wonke
umuntu uyobe eqhafaza imbungulu ugesi usufikile. Sashona khona sagcwala
izinkalo siyothembeka kuleli bhungu elisisikaza ngomgcagco ube ulivela kancane
kangaka. Zaqala izidubedube abantu bebhikishela ukugqoza kwentuthuko
koNongoma, eThekwini, eMlazi, kwaMashu. Saqala sazishaya amakhala ngobaba
wethu esimvotele, sithe sesidumela emasumpeni isigaba sesine sokhetho
kwatheleka amaloli ethwele amapayipi nezixaxa, waqala umshikashika kumbiwa
imisele, kwakhiwa amathangi amanzi. Ngeviki elandulela elokhetho kwatheleka
izinqokonqoko zamaloli amade sabusiswa ngamapakana empuphu, kwathiwa
asishone khona okhethweni isifikile intuthuko ezovula imisebenzi iphumelelise
umphakathi waseNtanzini; savota sesithokozile. Saba fese sangaqashwa, noma
kuqashwa kuqashwe ngendlela ehlukanisa umphakathi kabili ishiye imibuzo
kwabaningi. Wagaleleka wadlula unyaka wesethembiso okwakungowezi-2010;
eNtanzini lutho amanzi, lutho ugesi, lutho itiyela kwamathoyilethi ayefakiwe
awasabonwa nangalukhalo. Kwathiwa asilinde owezi-2014 okuyilapho sonke sizobe
sesinogesi ngoba iMbazo Project isiqale ukwakha isiteshi esisha sikagesi; isiteshi
esizowuphehla siphinde siwusabalalise njengoba lesi esinye singeke sibe namandla
okuphakela iNtanzini yonke. Kwasondela ukhetho lwakulonyaka (2014) zaqala izinto
kwangathi ziyakhanyakhanya eNtanzini; kwagxunyekwa izimpompi, sisammangazwe
ilokho kwambiwa imigodi emizini yethu sakhelwa izindlu zangasese.
Sabukana sodwa siyiNtanzini, izindonga zemizi yethu zalotshwa izinombolo.
Kwathiwa ngezikagesi, zaqala izihlathi kithi zavakashela amehlo; injabulo yazinza
ezinhliziyweni, yasina emiqondweni yethu. Kwakhethwa imizi eyisithupha
kwagxunyekwa izigxobo zikagesi yakhanya lemizi, salindiswa kuthiwa
bekusaqedelwa ibhajethi yanyakenye. Kwathiwa asiphikelele okhethweni ngoba
inkulu indaba ezayo ngolomhla zingama-27 kuNhlaba. Salinda kwaze kwanqundeka
amehlo silinde umnyama ongenanhlansi njengoba sigojela uMandulo namuhla
kungenzeki lutho. Umphakathi ubhekene ngeziqu zamehlo nabezokuvikela
asebezibambe baziqinisa izinhlokohlela zabo imibhobho eminingi ibheke kumina
njengoba sengivele ngathi qekelele ngenxa yokuhlehla kwabantu ebengizabalaza
nabo ngaphenduka umholi walomshungu ocekele phansi izingqalasizinda. Kodwa-ke
akukho nokuncane ukuzisola enhliziyweni yami ngalesi senzo ebengingakaze
ngisicabange senzeka ikakhulu nami ngimdibimunye naso, kukodwa kuphela
engizisola ngakho, lokho-ke okokuvotela ubala kuze kuphele iminyaka
engamashumi amabili. Kulamaphoyisa ami ngaphesheya ahlome ayizingovolo
kunyomuke elilodwa eseliqinile nokho liza nombhobho. “Uxolo bakwethu.” Likhuza
umsindo walo mshungu osungiphendule umholi. “Uxolo bo.” Liqhubeka likhuza.
Kube sengathi libabanga kakhulu labantu ukuthi bangalilaleli. Ngivele
ngizimoyizelele kancane nje kuhle kwentombi ibona isoka. Kusondele elilodwa
ilungu lomphakathi linginike umbhobho, ngishaqeke okwesikhashana.
Ngesikhathi sengithi ngiyaqala ngiyakhuluma uNgwazi abe esesiqalile isaga ethi
bafuna umongameli wezwe azifikele yena mathupha azozixazulela loludaka lwakhe
olungasaxoveki lana eNtanzini. Zishaya lesi saga nje ziyagida ezaseNtanzini
ungafunga ukuthi zisemqhudelwaneni wengoma manje. Ngikhenyeze
ngidondolozela ngiye ngakulo leli phoyisa, ngifike ngilidlule ngiye ngiyoyama ngeveni
yawo amaphoyisa, ngikhokhe umoya, lapho-ke ngase ngizibonela ukuthi
lamaphoyisa ayeselindele oyedwa ozoqala adubule bese kuqedwa ngami
ngezinganono; senginexhalana kodwa ngiziqinisa. “Bakwethu, asixoxisaneni.
Angizimisele ukugcina ngenze lento esikhishelwe yona mina.” Kukhuluma leli
phoyisa embhobhweni. “Yenze! Yenze! Yenze!” uNgwazi ememeza eshaya ihlombe
wenanele nomphakathi. Lithukuthele lithelwe ngamanzi leli phoyisa uma libona
ngihleka nami. “Ave ixaka indlela ‘uhulumeni’ wethu asebenza ngayo, ngoba kulezi
zinyangana ezidlule ubesigeza izinyawo, eguqe lana phambi kwethu esinxusa,
esincenga ukuba simuvotele, nxa sesimuvotele usephenduka esiswini
okwamambawu, lawa athumela nina ukuthi nizowachitha kowami umuzi uthi
asibulawe. Ave zimhlophe izandla zikahulumeni wethu njengoba ezenu zivuza igazi
nje nina bakwasidlodlo.” Nginyomuka kulamaphoyisa ngiye kwezohlobo lwami
izinkabi kwazise uMsamariya akadlelani noMjuda. Ngikhalise lombhobho okwemoto
yamaphoyisa ngihamba phambi kwezohlobo lwakithi. Kuthulakale. Ngicime
umbhobho wami bese ngikhomba iphoyisa ngilinika ithuba. “Ngiyabo...” ube usushilo
ngengila umbhobho wami ngize ngiwuphakamisele phezulu. Lapho izandla zalezi
zimpethu zendlovu ezimi ngemuva kwami besezindiza phezulu bebhiyoza kukhala
amakhwela kuqhuma umkikizo wena owabona kungene igoli enkundleni enkulu
egcwele phama. Ngiphakamise isandla bese behlisa baze bathule. “Uxolo.
Bengisakuthulisela bona wena womthetho.” Ngikhulume maqede ngigoqe izandla,
umbhobho uncike ehlombe.
“Nibhikishelani bakwethu?” leli phoyisa lehlisa umoya. “Ugesi... amanzi...
umgwaqo... indelelo... ukubukelwa phansi...” leyo ngeminye yemibono
engayicaphuna njengoba ezami zazikhuluma kanye kanye nje. Ngithule ngilinde
baze bathule bonke. “NginguMzilikazi kaMashobane mina wena wakwasidlodlo.”
Ngibingelela ngokwakophoyisa. “UNdlovu lona.” uNdlovu ehlehla kancane.
“Ngonyama! Nxa ubheka nje ngeso lakho wena waseNgonyameni, yini lena
ebhikishelwayo lana eNtanzini?” ngiwubambe sakuchoma umbhobho wami.
“Anginalwazi olungako ngalo mbhikisho wenu Mbulazi ngoba mumva nje
senabhikishela nokuhlushwa ngamagundane emizini yenu, ingakho-ke ngicela
ningichazele kancane.” “Gatsheni! Uma kungafika intombi kuwe oyithembile
noyithanda kakhulu ikunike ucu bese ikuthembisa izulu nomhlaba ungenzenjani?
Ungaluthatha lolocu?” “Yebo Mbulazi.” uNdlovu ekhuluma evikile ngokusasihlangu.
“Uma lentombi iqoma ngaphesheya kwakini kuze kumiswe neduku bese ibuya kuwe
ikunika isizathu esiphathekayo sesenzo sayo ungasilalela?” uNdlovu azinwaye
ibunzi esindwa ilombuzo. “Uma lentombi eyakunika ucu ikuvakashela umzuzu
owodwa kuphela enyakeni bese ivakasha iminyaka emine yonke esokeni
langaphesheya ungaphatheka kanjani, njengoba umphefumulo wakho uboshelwe
kuyona?” “Ngingadabuka kakhulu Mtungwa.” uNdlovu ngeliphansi.
“Mpongo kaZingelwayo, mingaki iminyaka lakhululeka lelizwe lakithi?” “Ingamashumi
amabili nengxenye yonyaka.” “Kunjalo impela Boya benyathi. Lokho kuchaza ukuthi
nentuthuko kumele engabe isiphindaphindwe izikhawu ezingamashumi amabili
kulendawo. Kukhona okuqaphelayo okufakazela lokho lana eNtanzini?” Ngilungisa
isigqoko sami engasishiyelwa ikhehla elingizalayo. “Akulula ukuqagula Mtungwa,
ikakhulu njengoba usungqongqise isikole nomtapo...” “Izinkukhu zazingakehli
emthini kungena zonke lezinto ozibalayo Mpongo.” Ngisho ngifela phansi maqede
ngikhahlele inhlabathi ngigqibe. UNdlovu aqalaqalaze. “Ngibona amathoyilethi,
nanka amanzi kumpompi, nansi imizi inogesi. Kufunwani kanti? Ninikwa isandla
nifuna ingalo yonke.” uNdlovu enikina ikhanda. Nginyuse amakhala. “Usale kanjani-
ke lompompi ngoba besibasumpula nje? Ngicela wena phoyisa omi lapho
ngasempompini uyakaze leso sigujana bese ukhelela uGatsheni amanzi.”
Ngikhomba. Lithathe isigujana likhongozele iphoyisa livule impompi. “Empeleni
uyayivala uma wenze njalo wakithi.” Ngisho ngokunganaki. Lidideke iphoyisa.
“Ayaphuma?” Ngifulathele ngiphinde ngiphenduke. Linikine ikhanda iphoyisa.
“Ingoba uyivalile mnumzana. Vula impompi bo, wonyiwe uNgonyama.” Ngiqinisa
amehlo. Linikine ikhanda liyivule, lutho amanzi. Liyivale liyivule futhi kungabi
namehluko.
“Isonto lesihlanu-ke Gatsheni leli kunjena...” “Ikhona nje i-waterkan.” uNdlovu edla
ulimi. Ngiphenduke ngibheke emuva kuhhomuzele. “Asiwazi lowo mhlola
osikhulumela wona Zingelwayo.” Ngikhumula isigqoko ngisibuka. “Ilemoto enilethela
amanzi.” “Yeyi, siyazi ukuthi yini leyonto kodwa ayikaze yafika lana!” uNgwazi
esefudumele. “Nogesi lona owukhombayo Gatsheni, ufakwe emizini eyisithupha
kuphela njengoba iNtanzini indlaleke kangaka. Akuyona indelelo leyo kubantu?
Kulogesi kunezinto okungamele uzisebenzise njengegiza, isitofu esimapuleti mane
nokunye nje. Ugesi onjani lowo?” Ngibone uNdlovu enikina ikhanda. “Kunetiyelana
elingenayo kulo mgwaqo eningene ngawo niza lana, kodwa liphelela obala nje,
nilibonile nani. Iyishumi nesikhombisa iminyaka liqhethe kanjalo kulokhu kuthiwa
akulindwe. Intuthuko leyo? Eminyakeni eyishumi nambili edlule sike sahlaselwa
izinkanyamba, kwafika umasipala wazosisukela wasibhalisa wasithembisa imixhaso,
ukhona nje owubonayo Mpongo? Gatsheni, lentuthuko oyibona lana iyifanele na
iminyaka engamashumi amabili?” ngixhuma inqawe yami emlonyeni ngizulazula.
Athule uNdlovu. “Ngisho izinsuku ezimbili ziyifanele ‘lentuthuko’ yethu futhi seziningi
kakhulu nazo, amahora amabili anele, alingana nayo...” “Yebo!!!” ngiphazanyiswa
ilomshungu wami.
UNdlovu anikine ikhanda. “Manje njengoba senishise imizi yabantu, yini indaba,
owani lomlilo?” uNdlovu eneka izandla. Ngihleke kancane ngizinwaya onceshaneni,
emva kwami kuthulakale. “Anikhombisi nokuzisola ngesenzo senu esinobulwane
kangaka?” uNdlovu engibukisisa. “Angizisoli nakancane mina mfokaGatsheni,
kodwa-ke kumele ngikucacise okokuthi angikaze nangelilodwa ilanga ngibone
kufinyelela kulesi sigaba, ngamafuphi nje ngisashaqekile kodwa ngithokozile. Lo
mlilo oshise yonke lento ngumlilo wengcindezelo nenkohliso yeminyaka
engamashumi amabili ebeyimbeswe isikhumba senkululeko, udalwe ngumasipala
nohulumeni qobo lwakhe thina sakhwezela. Lona ngumlilo wezethembiso
ezingafezekanga. Lo mlilo owemigwaqo emigodigodi okuthi nxa linile kubhajwe
okungamakalishana ethu, nompompi abaswele amanzi, nemisebenzi yamathenda
ededelwa ngokwenzelela lana eNtanzini. Lomlilo ngowomehluko phakathi
kweNtanzini neZanyana. Lomlilo ngowenhliziyo Gatsheni, inhliziyo ekade kwasa
iphulwa kodwa ilokhu imnene, ibekezela, ilindile kukho konke lokho.” “Mtungwa,
intukuthelo yenu ngiyayizwa futhi ngizwelana kakhulu nani kodwa-ke mathathu
amacala aphezu kwakho ‘njengomholi’. Awukusoconga, awukuzama ukusoconga
nawokucekela phansi impahla yomphakathi, ngalokho-ke uzolala endlini emnyama
Mzilikazi.” uNdlovu esondela kancane. Ngithi ukuhlehla kancane ngime isikhashana
ngiqalaze izinkalo zaseNtanzini, ngizwe umshungu wami ukhumuka kimina bese
ngizibamba ngenhla kwedolo lapho sekunkenketha khona ngenxa yensimbi
abangifaka yona esibhedlela ngesikhathi ngikade ngikhalakathele emseleni
walamapayipi aseNtanzini angaphumi manzi.
Ngiphumule ngamandla. “Nginike amasongo kaSigonyela Ngonyama.” Ngibeka
phansi umbhobho. Badideke abantu emshungwini wami osuvule igebe elikhulu
phakathi kwami nawo yize ngihlehlile. UNdlovu awaphose amasongo, ngiwanqake.
Ngithi ngisafake isandla esisodwa abe esefikile uNgwazi afake isandla sakhe
kwelinye isongo. “Hhowu wakithi, wenzani manje?” ngishaqekile, ngibheke uNgwazi
eziqwini zamehlo. UNgwazi athathe umbhobho ekade sengiwubeke phansi.
“Akukwazi ukuthi ungavalelwa wedwa Mashobane, yize uGatsheni ecabanga ukuthi
kumele. Lomlilo akuwona owakho, awudalwanga nguwena. Nxa bebopha wena,
kuzomele basivalele sonke ngoba lomlilo... ngowezinhliziyo.” uNgwazi edla
imihlathu. “Yebo!!!” usondela wonke lomshungu.
Iyaphela!!!