“Singabantu njengawe”Iminyaka eyi-16… I-SA isaqhubeka
nokuhlonipha uNkosi Johnson
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
Nokunye ngapha-
kathi!
– uNkosi Johnson owayey-isishoshovu sengculazi owedlula emhlabeni ngonyaka wezi-2001
eneminyaka eyi-12.
Sifana nawo wonke umuntu. Sinezandla.
Sinezinyawo. Singa-hamba, singakhuluma, sinezidingo
njengabo bonke abantu – ungasesabi –
siyefana sonke!
mahala
uNtulikazi • 2016
IKwaZulu-Natal isiphiNde yahloNipheKa ngo-
kuthi ithwale umhlangano we-21st International Aids
Conference kule nyanga, osekungokwesibili kusukela
onyakeni wezi-2000. Uma kuya ngokwempi yokulwa
nengculazi, izinkulungwane zezithunywa zamazwe ngamaz-
we kanye nezintatheli ezisesifundazweni sethu ezizele le
nkomfa zizothola iNingizimu Afrika ehlukile futhi engcono
kakhulu uma kuqhathaniswa nangonyaka wezi-2000. Bay-
ingcosana abantu abafa ngenxa yokuthelelwa ngegciwane
lesandulela ngculaza – abantu abayizigidi ezi-2.4 ezweni
lonke sebefakwe ohlelweni lokwelashwa nge- Antiretroviral
– kanti nesibalo sezingane ezithelelwa ngonina ngenkathi
zizalwa sesicishe saqedwa.
Noma imiZamo yomhlaba yokuthola ikhambi legciwane
lesandulela ngculazi isaqhubeka, KwaZulu-Natal kuphela,
selilide ibanga eselihanjiwe ekulweni nalolu bhubhane kanye
nokunqanda ukusabalala kwalo, okuhlanganisa nalokhu:
Ukuba nezikhungo ezingama-618 ezihlinzeka ngezidingo
zegciwane lengculazi kanye nengculazi, iningi lazo eziholwa abah-
lengikazi. Ukuqinisekisa ukuthi bonke abesifazane abakhulelwe bathola
imishanguzo yengculazi kungakhathalekile ukuthi ithini i-CD4 count
yabo. Ukwehla ngamandla kwezinga lokwedluliseleka kwegciwane
lisuka kumama liya enganeni okwasuka ema-22% ngowezi-2008
kwaya ku-5% ngowezi-2010, kwase kuya ku-1,3% njengamanje.
UMnyango Wezempilo uhlose ukwehlisa ngo-0.5% ngowezi-2018.
Ukuqaliswa kwemishanguzo ezigulini ezine-CD4 count engama-500
nangaphansi, kune-CD4 count yangaphambilini engama-350 ngapham-
bi kukaMasingana 2015, kanye nengama-200 ngaphambi kwalokho.
KuNgeKudala Nje, izwe lathatha igxathu elikhulu len-
qubekela phambili ngenkathi uMhlonishwa uNgqongqoshe
Wezempilo uDkt Aaron Motsoaledi ememezela ukuthi iziguli
ezine-HIV/AIDS azisezukunikwa imithi kuphela uma i-CD4
count yazo isiyehlile, kepha uma nje sezitholakele ukuthi
zinalo igciwane. Le ndlela yoku “hlolwa bese ulashwa” izo-
hamba ibanga elide ukuqinisekisa ukuthi abantu abanegci-
wane lesandulela ngculazi baphila impilo engcono futhi
baphila isikhathi eside. UMnyango usuthathe Ukuhlinzekwa
Kwezempilo wakusa emarenke amatekisi, okuhambisana
nokuhlolelwa phakathi kokunye Ukuthelelana Ngezifo
Ezithathelana Ngokocansi, Isifo Sofuba kanye neGciwane
Lesandulela ngculazi. UMnyango uphinde wasebenzisa
umkhankaso ka-Operation Sukuma Sakhe njengethuluzi
lokukhangisa futhi uqinisekise ukuthi omama abakhulelwe
bahambela izindawo zokunakekelwa ngaphambi kokuteta,
okusiza ngokubonakalayo ku- Prevention of Mother to Child
Transmission.Sethule umkhankaso Wokuvikeleka Okum-
baxambili, ogxile kubafundi basezikhungweni zemfundo
ephakeme esifundazweni ukuze sikhuthaze ukuziphatha
okwamukelekile kwezocansi ukuze kuqedwe ukukhulelwa
okungahlelelwe kanye nokutheleleka okusha. Ukuvikeleka
okumbaxambili kungukusebenzisa izindlela zokuhlela
umndeni zabesifazane kanye nokusebenzisa amakhon-
domu njalo nje uma kwenziwa ucansi. Lokhu kuqinisekisa
ukuvikeleka ezifweni zocansi okubandakanya negciwane
lengculazi kanye nokukhulelwa okungadingekile.
siZoKuluNgela uKwaZisa umhlaba ngohlelo i- Nurse
Initiated Management of Antiretroviral Therapy (NIMART)
oselwandise izibalo zabahlengikazi asebekwazi ukuhlaziya
imiphumela yegazi elihlolelwe igciwane lengculazi bese
beshintsha nemishanguzo uma kufanelekile. Sibonga labo
bahlengikazi ngoba sesiqalise ezinye iziguli ezingaphezu
kwesigidi emishanguzweni. Esikhathini esedlule bekungo-
dokotela kuphela abenza lo msebenzi.
KhoNa maduZe Nje sisanda kwethula uhlelo olusha
futhi oluthokizisayo lokusabalaliswa kwemithi yezifo ez-
ingalapheki ezigulini ezindaweni eziseduze namakhaya
azo, ezindaweni zomphakathi njengamasonto, amahholo
omphakathi kanye nezikole. Lolu hlelo lwaziwa ngokuthi
i-Central Chronic Medicine Dispensing and Distribution (CC-
MDD). Ngenxa ye-CCMDD, iziguli seziyakwazi ukonga imali
yezindleko zokuhamba kanti lokhu kunciphisa amathuba
okuthi iziguli zingayithathi imithi yazo. Lokhu futhi kusho
ukuthi sizokuba neziguli eziyingcosana eziphathwa futhi
zibulawe yizifo ezingalapheki.
NjeNgoba KuboNaKala kulesi sithombe sokuzuziwe,
iNingizimu Afrika kuningi ezoziqhenya ngakho uma sekufika
isikhathi sezithunywa zezwe ukuthi zikhulume. Noma kunja-
lo, muningi umsebenzi okumele wenziwe ukunciphisa isiba-
lo sabathelelwa yigciwane lesandulela ngculazi, ikakhulukazi
emantombazaneni kanye nezintombi. Njengohulumeni
siyayandisa imizamo yethu kulokhu. Le mizamo ihlanganisa
umkhankaso we “Anti-Sugar Daddy/Blessers futhi silindele
ukubona imiphumela yayo yonke le mizamo.
INkosi Inibusise!
LungaLinda ucansi. gxila emfundweni.
UNGALUVUMI UCANSI. VUMA IKUSASA.
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
Umyalezo ovela ku
MEC WezeMpilo e-KZN,
uDkt Sibongiseni Dhlomo
UMyALEZo oVELA KUNDUNANKULU Umyalezo ovela kuNdunankulu wase-KZN, uWillies Mchunu
INGqUNGqUthELA yENGCULAZI UNgqongqoshe Wezempilo e-KZN, uDkt Dhlomo engqungqutheleni yengculazi eThekwini
UKUSUSA UKUbA yIhLAZo KWENGCULAZI Izwi lomphakathi liyadingeka ukuqeda ukuba yihlazo kwengculazi
UKUKhULA NENGCULAZI Intsha: Iphethe ukhiye wesizukulwane esingenangculazi
AMALUNGELo AbANtU AbANEGCIWANE LENGCULAZI/INGCULAZI Unegciwane lengculazi? Yazi amalungelo akho
o-SUGAr DADDy Ukwenqaba kusho Ukuvuma ikusasa eliqhakazile
IZINDAbA ZEZEMpILo E-KZN Ezakamuva ezivela eMnyangweni Wezempilo
UKUqWAShISA NGEMpILo yENGqoNDo Kuyenyuka ukugula ngengqondo kubantu abasha
USUKU LoMhLAbA LE-hEpAtItIS Kungcono ukugwema kunokwelapha
UN
tU
LIK
AZ
I 201
6
Sinike uvo lwakho, noma usitshele ukuthi ucabangani ngalo magazini! P O Box 25439, Gateway, 4321, UCINGO-031 825 6790. I-EMAIL: [email protected] ILUNGELO LOBUNIKAZI
Konke okushicilelwe kulo magazini kuyilungelo le-Ezempilo… Health Matters futhi kungase kuphinde kukhiqizwe futhi kusakazwe mahhala ngezinjongo zokufundisa kuphela.
Zonke izikhangiso ezikulo magazini akukona ukuthi zisekelwa ngokusemthethweni uMnyango Wezempilo Wase-KZN, uMasipala WasEthekwini noma Ezempilo Health Matters
Imifanekiso esetshenziswe kwEzEmpilo eyokucacisa kuphela, ayiqondile ukuveza abantu bangempela futhi ayimele lokho okuqukethwe ushicilelo.
NGEMpILo yENGqoNDo
UKUKhULA NENGCULAZI I-hEpAtItIS
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
INGqUNGqUthE-LA yENGCULAZI
I Ningizimu Afrika kanye neTheku ngokukhet-
hekile, liyazithoba ngokwethenjwa ukuba
liphinde lisingathe ingqungquthela yomhlaba
yeNgculazi ezoba ngale nyanga kusukela ziyi-18
kuya zingama-22 kuNtulikazi.
Lokhu kukhomba ukubuya okwesibili eThekwini
ngoba ingqungquthela yokuqala yayingonyaka
wezi-2000. Kithina kukhombisa izinga lokweth-
enjwa kwethu yi-International Aids Society,
ikakhulu ekusingatheni imicimbi namabhizinisi
amakhulu ngalolu hlobo. Ukuphinda sisingathe
ingqungquthela kuzokhuphula izinga lethu
ku- Business Tourism Destination Management
bese kuqinisa isithunzi sethu njengedolobha eli-
nezindawo ezisezingeni eliphezulu zokusingatha
imihlangano, imibukiso nezingqungquthela zom-
hlaba. Impatho esinayo isibeka ezingeni eliphezulu
emhlabeni jikelele.
Ukubhidela ukusingatha imicimbi emikhulukazi
emhlabeni njengeNgqungquthela Yomhlaba
Yengculazi kungumsebenzi omkhulukazi ngoba
kungajika noma nini. Lokhu kungabangwa uku-
thi amazwe asuke nawo ebhidile abeka izithiyo
eziningi ezingenza singawusingathi lowo mcimbi.
Ngisalukhumbula kahle uhambo esaluhamba
njengezwe ukuze sikwazi ukusingatha uMdlalo
Wendebe Yomhlaba yezi-2010. Ngiyikhum-
bula kahle injabulo eyaba khona ngesikhathi ku-
menyezelwa ukuthi iNingizimu Afrika yiyona ezos-
ingatha indebe yomhlaba. ingqungquthela Yom-
hlaba Yengculazi isibuyisela lapho esiziqhenya
khona ngokusingatha umcimbi osezingeni
lomhlaba wonke.
Sihalalisela ithimba elisebenze kakhulu kule
bhidi, uMnyango kaZwelonke Wezempilo, i-Na-
tional Convention Bureau, i-Durban KwaZulu-Natal
Convention Bureau, uphiko olukhethekile lweZo-
kuvakasha KwaZulu-Natal olugxile ku-Business
Tourism Destination Management oluxhaswa
uMasipala waseThekwini kanye noMnyango Wezo-
kuthuthukiswa Komnotho.
Okwesibili, sibonga kakhulu i-International
Aids Society ngokubona kulifanele izwe lethu,
ikakhulu iTheku ukuba liphinde lisingathe lo
mcimbi okungakaze kube nezwe eliwusingatha
kabili. Abantu abangaphezu kwezi-18 000 abasuka
emazweni angaphezu kwe-180 kanye nenqwaba
yezintatheli kubandakanya nabemithombo yezo-
kwazisa emhlabeni jikelele bazoza eThekwini kule
ngqungquthela. Kuningi okuzobe kwenzeka eThe-
kwini ngalesi sikhathi.
Thina okumele sikwenze ukuba siqinisekise uku-
thi izivakashi zethu sizamukela ngezandla ezifudu-
mele. Amahhotela eThekwini asebhukhiwe onke
ngenxa yale ngqungquthela. Izindawo ezithandwa
yizivakashi sezikulungele ukumumatha umthamo
omningi ngalesi sikhathi. Yithuba labo bonke
abasembonini yezokuvakasha ukuba basimele
kahle. Le ngqungquthela izoletha intuthuko
emabhizinisini hhayi kuphela manje kepha nang-
esikhathi esizayo ngoba bakhona abazobe beze
engqungqutheleni bese befisa ukubuye beze se-
bezivakashela nje.
Kulindeleke ukuba le ngqungquthela inge-
nise umnotho obalelwa ezigidini ezingama-700.
Nangaphezu kwalokho iyoshiya umaka omkhulu
ngokuthi iNingizimu Afrika kanye neKwaZulu-
Natal embhidlangweni wayo wokulwa negciwane
lengculazi kanye nengculazi kuyokhonjiswa
kuma-ejensi anjengo-CAPRISA, okuyi-ejensi yoc-
waningo ehamba phambili emhlabeni jikelele kulo
mkhakha.
UM
yALE
Zo
oVE
LA K
UN
DU
NA
NK
ULU
“ITheku liyaziqhenya
ngokubuye lisingathe in-
gqungquthela yengculazi”
– UNdunankulu Mchunu
Ngifisa ukugcizelela ukuthi “konke kusezandleni zenu”
ukuphumelelisa amathuba azolethwa yile ngqungquthela
kuyo yonke imikhakha.
okuqukethwe
Siyababonga laba abalandelayo ababe neqhaza:UMNYANGO WEZEMPILO E-KZN: UPHIKO LWEZOKUXHUMANA
U-ZOHRA MOHAMED TEKE (UMHLELI)
THANDI ZULU
THEMBA MNGOMEZULU
sARA AULD
DR GUGU MAZIBUKO
IZITHOMBE: shutterstock.com
ING
qU
NG
qU
th
ELA
yE
NG
CU
LAZ
I
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
ISIZUKULWANE ESINGENANGCULAZI SISEZANDLENI ZENU! yIbA WUShINtSho oFISA UKULUboNA.
Isukaphi i-KZN?
INGQUNGQUTHELA YENGCULAZI 2016 UkUbHEkA ImpUmELELo YETHUYisikhathi sokukhombisa umhlaba yonke imizamo yethu yokulwa negciwane. Yisikhathi sokubheka lokho osekuzuziwe, okungazuzwa nokusamele kwenziwe. Okunye esesiphumelele kukho kubandakanya lokhu:
Abantu baseNingizimu Afrika abayizigidi eziyi-18 abahlola bazi isimo sabo ezinyangeni eziyi-18 ngomkhankaso i-HCT.
Namuhla abantu baseNingiz-imu Afrika abayizigidi eziyi-10 bahlola minyaka yonke.
Ukufa okubangwa yingculazi eNingizimu Afrika kwehla kusuka ema-320 000 ngowe-zi-2010 kwaya ema-140 000 ngowezi-2014, ukwedluliseleka kwegciwane lisuka komama liya ezinganeni kwehle kusuka ezi-70 000 ngowezi-2004 kuya ngaphansi kwezi-7 000 ngowezi-2015.
Abantu abaphila negciwane kanye nabasohlelweni lokudla imishanguzo sebephila kade.
Ngohlelo i-Nurse Initiated and Man-aged Antiretroviral Treatment abantu sesohlelweni lokudla imishanguzo isikhathi eside.
Izindawo eziseduze nalapho kusebenza khona abantu abadla imishanguzo yezifo eziyisimbelambela ngenxa ye- central chronic Medicines dispensing and distribu-tion (CCMDD) oluqinisekisa ukuthi iziguli azisami imigqa emide zilinde imithi.
Kunamaqembu eMpilonde aseka labo abadla imishanguzo bese beseka nabanye
Bangaphezu kwesigidi abantu base-KZN abadla imishaguzo bese beba yizigidi ezi-3.4 iNingi-zimu Afrika yonke.
IZINsELELo EZIsEkHoNANakuba inkulu impumelelo ekhona ekuguquleni igciwane lengculazi nengculazi, kepha zisekhona izinselelo onke amazwe abhekene nazo ekub-hekaneni nobhubhane. Ingqungquthela Yengculazi izohlanganisa bonke ongoti bemikhakha eyehlukene ukuba basebenzisane ekubhekaneni nezin-selelo ezibandakanya:
1 Uhhafu wokutheleleka oku-sha ngegciwane kwenzeka kubantu abasengcupheni.
2 Iningi lezingane kweziyizigi-di ezi-2.5 eziphila negci-wane lengculazi, aziyitholi
imishanguzo ngenxa yokungahl-olwa nokungelashwa.
3 Abesifazane kuseyibona abaningi abanegciwane lengculazi- esub-Saharan
Afrika bathi ababe ngama-60% kubantu abadala abaphila negciwane.
4 Isaqhubeka imithetho ekhuthaza ukucwaswa evimba ukugwema noku-
nakekelwa kwalabo abaseng-cupheni yokuthola igciwane okubandakanya izitabane, abadla izidakamizwa ezijovwayo kanye nabaqwayizi.
5 Kusadinga ukuba kwenziwe ucwaningo olunzulu oluzoholela
ekutholakaleni komgomo kanye nekhambi lokwelapha igciwane lengculazi.
Isamba sobhubhane lwegciwane lengculazi kubantu besifazane nezingane, 2014
Isilinganisosamba sabesifazane (15+)
abaphila negciwane lengculazi
EMHLABENI: 17.4 wesigidi
EsAr: 10.3 wesigidi 60%
EsAr: 940 000
EMHLABENI: 1.5 wesigidiIsilinganisosamba sabesifazane abakhule-
lwe abanegciwane lengculazi 64%
EsAr: 1.6 wesigidi
EMHLABENI: 2.6 wesigidiIsilinganisosamba sezingane (<15)
eziphila negciwane lengculazi 61%
EsAr: 93 000
EMHLABENI: 220 000Isilinganisosamba sezingane (<15)
ezisandakuba negci-wane lengculazi 43%
EsAr: 74 000
EMHLABENI: 150 000Isilinganisosamba sezingane (<15)
ezibulawa yizifo ezi-hlobene nengculazi 49%
I KwaZulu-Natal isiyenze uguquko ob-hubhaneni oluyigciwane lengculazi nengculazi, impumelelo okumele wonke umuntu waseNingizimu Af-
rika aziqhenye ngayo. Nakuba umbhidlango wokulwa nalesi sifo ungakapheli kepha njengezwe, ikakhulukazi njengesifundazwe siwukhombisile umhlaba ukuthi lokhu kuy-enzeka uma sisebenza ngokubambisana.
Sesingabahlinzeka ngemishanguzo
kubantu abaningi ukwedlula bonke emh-labeni, abantu abanegciwane lengculazi kanye nengculazi sebephila isikhathi eside. iNgCulaZi ayisesoNa isigwebo soKuFa!
Njengoba umhlaba uzogxila eThekwini ngale nyanga ngesikhathi sengqungquthe-la yeNgculazi, kusinika ithuba njengeNin-gizimu Afrika ukuba sixoxe izindaba zethu zokulwa neNgculazi.
Source: UNAIDS 2014 HIV and AIDS estimates, July 2015
UK
US
US
A U
KU
bA
yIh
LAZ
o K
WE
NG
CU
LAZ
I
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
UNkosi Johnson washiya umaka…“Sinakekeleni bese nisamukela – singabantu sonke. Siyefana nani. Sinezandla. Sinezinyawo. Singa-hamba, singakhuluma, sinezidingo njengani – ningasesabi – siyefana!”
N gala mazwi anamandla, em-inyakeni eyi-16 eyedlula, uN-kosi Johnson osadlula emhlabeni,
wayeseneminyaka eyi-11 ngenkathi eshukumisa umhlaba ekhuluma ngempilo yakhe. Wayechaza impilo njengomuntu owayenengculazi ecela nabantu ukuba ba-bamukele. Ngebhadi, isishoshovu esincane sedlula emhlabeni kepha sashiya umoya wokulwa nesifo osekhona nanamuhla kulabo abahaqwe yingculazi.
UJohnson, njengezinkulungwane zez-inye izingane ezizalwe omama abanegci-wane lengculazi, wasuleleka ezalwa wabe esephila impilo yakhe elwa nesifo. Lalin-gekho ithemba ngezingane ezinjengaye ngaleso sikhathi – kepha izinto sezishint-shile namuhla eNingizimu Afrika, njen-goba izwe seliphumelela ukwelapha isifo, okwenza kucace ukuthi singaba khona isizukulwane esingenayo ingculazi.
ImIsHANGUZo YEGCIwANE LENGCULAZI kUbo boNkE AbAsENINGIZImU AfrIkA AbANEGCIwANEInqubekela phambili eNingizimu Afrika eyokuthi kusukela ngoMandulo 2016, wonke umuntu onegciwane lengculazi uyonikwa imishanguzo kungabhekiwe i-CD4 count yakhe.
Uma abantu sebethola ukwelashwa okufanele, ngeke besathelela abanye, okuyokwehlisa amazinga okuthelelana, lokhu kuyobamba iqhaza ekwakheni um-phakathi ongenangculazi – igxathu elikhulu ekwakheni ikusasa elingenangculazi bese kufezekiswa iphupho likaJohnson!
UK
UK
hU
LA N
EN
GC
ULA
ZI
Ukukhula emphakathini ongenangculaziKonke Kusezandleni Zabantu Abasha
AbEsIfAZANE AbAsEbAsHA bAsENGoZINI kAkHULUUkuze sibe khona ngempela isizukulwane esingenangculazi, kumele abantu abasha baziphathe ngendlela efanele kwezocansi. Abesifazane abaseminyakeni eyi-15 kuya kwengama-25 yibona abasengozini kakhu-lu yokuthola igciwane, ngakho uhulumeni ucwaninga izindlela eziningi zokwehlisa amazinga okutheleleka okusha kwabantu abasha. Kepha, umyalezo onqala owokuthi abantu besifazane abasebasha kumele balwenqabe ucansi olungavikelekile, futhi kube yibo abazikhethela ukusebenzisa ikhondomu.
UkUvImbA UkUsAbALALA kwEGCIwANE LENGCULAZIKubalulekile ukuba nempilo enhle kwezocansi, njengoba izinkulungwane zabantu zitheleleka ngegciwane lengculazi minyaka yonke. Ukungalwenzi nhlobo ucansi kuseyikho okubalulekile. Uma kwen-
AKUNGAbI NAKUthELELEKA oKUShA, AKUNGAFI MUNtU NGEGCIWANE LENGCULAZI/INGCULAZI.
NGoKUbAMbISANA SINGAKWENZA LoKhU!
zeka iphutha kumele kuxoxwe ngokuset-shenziswa kwamakhondomu. Igciwane lengculazi lisatshalaliswa ukwenza ucansi olungaphephile nomuntu onegciwane, labo abanezifo zocansi basengcupheni enkulu yokuthola igciwane lengculazi uma benza ucansi nomuntu onegciwane lengculazi. Ngaleso sizathu, abantu abasha kumele bakhuthazwe ukuba bangalwenzi ucansi baze bakhule ngokwanele – sebe-qede imfundo yabo.
okwENZEkAYoIgciwane lengculazi/Ingculazi isifana nesifo esiyisimbelambela emazweni amaningi omhlaba asezingeni lokuqala, abagulayo sebeyakwazi ukuba ngabanempilo. INin-gizimu Afrika nayo ayizibekile phansi futhi kuyiqiniso ukuthi singabona okufanayo nakuleli zwe kepha kumele wonke umuntu abambe iqhaza ekugwemeni ukuthola igciwane lengculazi, asheshe athole imis-hanguzo – kungenzeka.
Abantu abaningi bahlulela izifo ezithile ezinjengegciwane lengculazi kanye nesifo sofuba (tb), bekholelwa ukuthi zipha-tha abantu abathile. Kweminye imiphakathi, uma kuzwakala nje ukuthi umuntu othile unegci-wane lengculazi, ube eseband-lululwa ngumphakathi ngenxa yokungazi ngesifo. baba nokwe-saba ukuthi uma bethinta lowo muntu onegciwane lengculazi, igciwane liyosabalala – okunga-manga aluhlaza!
omunye Akafundise omunyeUkufundisa umphakathi ngegciwane lengculazi nokuthi ledlula kanjani kungukuqeda ukuba yisici kwalo. Izifo ezihlobene negciwane lengculazi zinge-lapheka, okwenza abantu baphile kade.
Abantu abanegciwane lengculazi kanye nengculazi badinga amaqembu abese-kayo. Lawo maqembu angaba yizwi labo emiphakathini lapho engafundisa khona abantu ukuthi igciwane lengculazi linga-phenduka isifo esilawulekayo ngokwe-lashwa ngemishanguzo yalo. Amaqembu asekayo angasiza abantu abanegciwane lengculazi ukuba banakekele impilo yabo ngokwazi ukuthi bangaligwema kan-jani bese bethola ukwelashwa okufanele kwezifo ezingosomathuba.
Amaqembu asekayo egciwane lengcula-zi afundisa amalungu emindeni noma abathandiweyo ukuthi unakekelwa kanjani umuntu ophila negciwane lengculazi kanye nengculazi, ban-ganikwa kanjani ukudla okunom-soco, ukuqinisekisa ukuthi bayidla ngendlela imithi yabo kanye nokuba nenhlanzeko.
Abazali, othisha kanye na-baholi benkolo baneqhaza okumele balibambeImfundo iqala ekhaya. Zinike isikhathi ukhulume nomndeni wakho ngegciwane lengculazi kanye nengculazi. Uma unent-sha, khuluma nangalezi zihloko:
Ukwenza ucansi oluphephile nokun-galwenzi nhlobo
Lisabalala kanjani igciwane lengculazi kanye nengculazi futhi alisabalali kanjani
Ukubaluleka kokwazi isimo sakho segciwane lengculazi
Ukubaluleka kokugxila emfundweni kuqala
Othisha bangasebenzisa am-athuba emaklasini ukukhuluma ngokubandlululwa bese begxila ezinkingeni nasezithiyweni labo abanegciwane lengculazi abahlan-gana nazo, nokuthi kungenziwani ukuze labo bantu bangacwaswa.
Ngokubambisana kunganqotshwa ukuba nesici kwegciwane lengculazi nengculazi
ukuze wonke umuntu aphile kade!
HLoLANgokufundiswa, imiphakathi ingabamba iqhaza elisemqo-ka ukuguqula indlela abanye ababuka ngayo, kususwe ukunganaki bese kub-hekwana nokwesatshwa kwegciwane lengculazi kanye nengculazi. kukhuthazwe abantu emphakathini ukuba bazi isimo sabo segciwane lengculazi. kubanjiswane ukuze bonke abantu basazi isimo sabo uma kunemihlan-gano, emabandleni kanye nokuvakashela izikole. Uk-wazi isimo sakho kunamandla okukwenza ubhekane nezem-pilo bese kushintsha nendlela yokuziphatha enobungozi.
Liyadingeka izwi lomphakathi ekungavumini ukuba igciwane lengculazi lenziwe isici
Ukubambisana ekuqedeni ukuba yisici kwegciwane
Ingqungquthela yengculazi kumele ile-kelele ukuphikisana no sugar daddy
AM
ALU
NG
ELo
Ab
AN
EG
CIW
AN
E L
EN
GC
ULA
ZI/
ING
CU
LAZ
I
UMA UNEMINyE IMIbUZo NGEGCIWANE LENGCULAZI/INGCULAZI UNGAFoNELA LE NoMboLo yAMAhhALA
ZIKhAthI ZoNKE 0800-012-322
E nye yezindaba ezihamba phambili engithemba ukuthi izogcizelelwa emhlanganweni i-21st International
Aids Congress, ozobanjelwa eThekwini kule nyanga, isidingo sokuthi abantu bahlolelwe igciwane lesandulela ngculazi, ukuze bazazi ukuthi bami kuphi.
Ucwaningo lusitshela ukuthi amantom-bazana aphakathi kweminyaka eyi-15 kuya kwengama-24 akumaqembu abantu aban-amathuba amaningi okuhlaselwa igciwane lesandulela ngculazi kanye nengculazi. Kanti lokhu kubangelwa kakhulu ucansi olwenziwa ngabantu abangesibo ontanga okuphakathi kwabo kanye namadoda amadala. Ngakho-ke, ngingaze ngiqinise ngiphakamise ukuthi le nkomfa kufanele, phakathi kokunye, inxuse bonke o-Sugar Daddy, lokhu okubizwa ngama-“blessers”, ukuthi bake babheke bajule emiphefu-mulweni yabo, bake bavuselele onem-beza babo bese beyeka ukubhozomela amantombazane amancane, ahlwempu futhi abuthaka befuna ucansi.
Siyathemba futhi ukuthi amantomba-zane ethu kanye nezintombi zisizwe lesi sicelo sethu. Uma sivumela lolu bhememe lokucekelwa phansi kwempilo yabasha ngamadoda amadala angenanembeza,
NguNgqongqoshe Wezempilo KwaZulu-Natal, uDkt sibongiseni Dhlomo
imizamo yethu yokulwa nalolu bhubhane lokusabalala kokuthelelana ngegciwane lesandulela ngculazi, ngeke kuze kuthele izithelo esizifunayo zesizukulwane esin-genalo igciwane lesandulela ngculazi. Futhi nje ngeke sikwazi ukukuvumela lokho. Sesiyazi manje ukuthi kulokhu kuxhumana okuyingozi no-Sugar Daddy, abesifazane abasebasha bathola imali engasetshen-ziselwa izidingo ezinjengokudla kanye nemali yesikole. Kulaba bantu abasha, izinto abazithenga ngale mali zingayenza impilo ibukeke iyinhle futhi imnandi. Kepha iqiniso ukuthi lokhu okwesikhashana nje.
Okusabisayo nokufihliwe ngalobu budlelwane obunokuxhaphazana phakathi, ukungabi namandla kwabesifazane abasebasha okuxoxisana ngezindlela zokwenza ucansi oluphephile nalabo Sugar Daddy abadala futhi abanemali – kanye nemiphumela enqala lokhu okuba nayo empilweni yabesifazane ngokuhamba kwesikhathi.
Uhulumeni uhlale egqugquzela ukuz-ithiba kwezocansi isikhathi eside kangan-galokho umuntu engakwazi – kuze kube umuntu usekulungele ngokwasemzimbeni nangokwasemqondweni ukubhekana nemiphumela yalokho. Kulabo abangeke
bakwazi ukuzithiba kwezocansi, sikhuthaza ukuthi basebenzise Ukuvikeleka Okumbax-ambili, okuncoma Ukusokwa Kwabesilisa Ngodokotela kanye nokusebenzisa amajazi abakhwenyana zikhathi zonke uma kuba nokuthintana kwezocansi kwabesilisa; bese kuhlanganiswa kanye nokusetshen-ziswa kwezindlela zokuvikela ukukhule-lwa kwabesifazane. Lokhu kuqinisekisa ukuvikeleka kukho kokubili ukuthelelana ngezifo ezithathelwana ngocansi - okuh-langanisa negciwane lesandulela ngculazi – kanye nokukhulelwa okungadingeki.
Okuqaphelekayo, uMnyango Wezempilo KwaZulu-Natali ngonyaka odlule wethule umkhankaso wezempilo i-Adolescent and Youth User-Friendly. Inhloso yalo mkhanka-so ukuguqula indlela yokucabanga yabase-benzi abathile bezempilo abanokwahlulela abantu abasha abavakashela izikhungo zezempilo befuna ukusizwa ngokwezem-pilo kwezokuzala.
Ukuze abantu abasha, abayikusasa laleli zwe, bachume, sidinga ukuqeda em-phakathini wethu lolubhubhane lo Sugar Daddy. Lesi yisimemo kuwo wonke ama-doda ukuba asukume athi, ‘Ngeke egameni lethu kudlalwe ngezingane ezihlwempu kanye nezingakwazi ukuzilwela!’
INingizimu Afrika inoMthethosivivinywa Wamalungelo oqinise-kisa amalungelo awo wonke umuntu, kepha labo abaphila negciwane lengculazi kanye nengculazi basabandlululwa ngenxa yokunganaki kanye nokwesatshwa kwesifo.
L olu hlobo lokubandlululwa lunomthelela ongemuhle empil-
weni yabagulayo kanye nemindeni yabo, abalahlekelwa yimiholo noma bangemukelwa emiphakathini yabo. Umphumela kube ukuthi labo abadinga usizo kakhulu bazithole bengahlomuli ekufundisweni, ukwelulekwa, ukwelash-wa noma unakekelo ngoba amalun-
gelo abo esenyathelwe abanye abantu abangenakho ukubabekezelela.
Yazi Amalungelo AkhoNgaphansi koMthetho Wokuqasha Ngokulinganayo ka-1998, akekho okumele abandlulule umqashwa ngenxa yesimo sakhe segciwane lengculazi. UMthetho ubuye uvimbe
umqashi ukuba angahloli umqashwa ehlolelwa igciwane lengculazi ngaphandle kwemvume yomqashwa.
Abasebenzi basezindlini bayizisulu kakhulu ngoba bayaxoshwa ngoba benegciwane lengculazi. Iningi labo liqashwe ngokungemthetho bengenamihlomulo enjengomshuwalense wokungasebenzi, okungenza kube nzima ukuba basebenzise imithetho yabasebenzi ebekelwe ukuba ibavikele.
Uma uphila negciwane lengculazi kanye nengculazi unelungelo loku:
o-S
UG
Ar
DA
DD
y
KhumbuLA!
Izingane ezinegciwane
lengculazi zivumelekile
ukuya kunoma yisiphi
isikole futhi ngeke zinga-
mukelwa ngoba zinegci-
wane lengculazi
Ukwelashwa nokunakekelwa ezikhungweni zethu zezempilo nezenhlalakahle
Ukuphathwa ngenhlonipho Ilungelo lobumfihlo
nokuhlonishwa kwesithunzi Ukuphila ngaphandle kodlame
nokwesatshiswa Ukuhlinzekwa ngokufanayo
kwezidingo ezinjengamanzi, ezenhlanzeko nogesi
Ukudla, unakekelo lwezempilo nomshuwalense wezempilo
Izidingo zomphakathi, ezezindlu Imfundo, amathuba alinganayo
Nosizo kwezomthetho.
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
NGINEGCIWANE LENGCULAZI +
NGINELUNGELO LEMFUNDO
iSiT
Ho
mBE
sise
tshe
nzis
elw
e lo
lu sh
icile
lo k
uphe
la: s
hutt
erst
ock.
com
Akukho ukucwas-wa akukho uku-bandlululwa
UcWANINgo LAKWA cAPrIsA LUvEZA LoKHU:
Ngenkathi amantombazane epho-
thula ibanga le-12, cishe amaphesenti
ayisi-7-10 awo anegciwane lesan-
dulela ngculazi, kepha abafana balokhu
bengenalo igciwane lesandulela ngculazi.
Ucwaningo lathola ukuthi lokhu kungenxa
yokuthi amantombazane athelelwa
ngamadoda amadala alala nawo.
Ngenkathi amantombazane eqala enyu-
vesi, amaphesenti ayi-10 ala mantom-
bazane asenegciwane lesandulela
ngculazi, ucwaningo luyaveza.
Ngenkathi eqeda iqhuzu le-Honours nge-
muva kweminyaka emine, sekunama-
phesenti angama-25 asebenegciwane
lesandulela ngculazi phakathi kwabo
bobabili abafana namantombazane,
okusho ukuthi sebethelelene.
UNgqongqoshe uDhlomo uncome abasebenzi basemakhazeni
njengamaqhawe angaqhakanjisiwe kwezempilo
UNgqoNgqoSHE wEzEmpilo kwa-zUlU-NaTal, UDkT DHlomo uncome bonke abasebenzi basemakhazeni abasebenza ngokuzikhandla kuso sonke isifundazwe njengoba bengam-aqhawe afihlekile emkhakheni wezem-pilo.
Ekhuluma emcimbini obusesifun-deni UThukela ngasekuqaleni kwale nyanga ngesikhathi kuphela iminyaka eyi-10 selokhu uMnyango wathatha Ezamakhaza ku-SAPS. UNgqongqoshe uDhlomo wathi nakuba zisekhona izinselelo ezinjengokubuye kwentuleke amathuluzi athile kepha lokhu kumele kushayelwe ihlombe.
Uchaza abasebenza kwezamakhaza njengeqembu labantu “abasebenza ngokukhulu ukuzikhandla,” ebe ebacela ukuba bangawakhohlwa amandla omkhuleko ekunqobeni izin-selelo ezihambisana nomsebenzi wabo.
“Enye yezinto enenze naqhubeka nokuyibamba ukholo eninalo. Asikho isamba semali esingalingana nom-sebenzi eniwenzayo. Niyobongwa nasezulwini,” esho.
Uchaza uphiko lwezamakhaza njengolubucayi kakhulu eMnyangweni kanye nolwezezimo eziphuthumayo. “Uma kukhona okungahambi kahle kule mikhakha, singaba nenkulu inhlekelele.”
Selokhu saluthatha lolu phiko lu-1 kuNhlangulana 2016, uMnyango usu-wakhe amakhaza amasha; walungisa amadala; wathatha izinqumo ngeza-basebenzi; okubandakanya nokubheka amakhono abo, ulwazi abanalo; kanye nokuqinisekisa ukuthi akukho ukuphaza-miseka ngesikhathi uphiko luthathwa.
Namuhla uMnyango unezikhungo zamakhaza ezingama-36 ezisebenzayo; eziyisishiyagalombili ezisezingeni eliph-ezulu; ezingama-24 ezisesemagcekeni akwa-SAPS kepha eziphethwe umnyan-go; ezine ezisemagcekeni ezibhedlela; ezimbili zalezi – isePhoenix kanye naseMgungundlovu – ezamukela im-izimba engama-409 kanye nabasebenzi abangama-439 abazilandayo nabab-hekelela yona imizimba.
UNgqongqoshe uDhlomo wacela bonke abasebenza kwezamakhaza uku-ba basebenzise uhlelo olukhona lwe- Employee Assistance Programme ukuze bamelane nezinselelo ezihambisana nomsebenzi wabo. UNgqongqoshe uDhlomo onediploma ku-Forensic Pa-thology ayizuza e-College of Medicine South Africa, uthi uthando lwakhe lwa-
UNgqoNgqoSHE wEzEmpilo E-kzN, UDkT DHlomo ngasekuqaleni kwale nyanga umangaze isiBhedlela iMadadeni ngesikhathi etheleka engalindelwe.
UNgqongqoshe uxoxe nabasebenzi bezempilo kanye neziguli wabe esevakashela igumbi lezingane
nelabagulayo, wathola isibhedlela sisebenza kahle futhi sihlanzekile.
“Akumele isibhedlela sibe sesimweni esihle kuphela uma kuzofika ubuholi. kumele sihlale sisesimweni esihle njalo nje, ngisho singekho. Kungijabulisile engikubone namuhla esiBhedlela iMadadeni,” engeza.
lo mkhakha lwakhuthazwa abasebenzi bezamakhaza ezinhlekeleleni ezimbili ezenzeka eminyakeni embalwa edlule – ingozi yebhasi eyabulala izintombi zibuya emhlangeni kwaNongoma kanye nengozi yeloli ePinetown lapho kwashona khona abantu abangama-34.
Wathola ukuthi ubuhlungu obuzwiwa imindeni yabasesimweni esibucayi bese beshona kuba nzima kakhulu kwabanye – wathi kumele kushintshe lokhu.
“Ngesikhathi ngibizwa ukuba ngizosiza emakhazeni asePinetown, ngaqale ngangabaza. Kepha sengizwe ngalokho abasebenzi bezamakhaza abadlule kukho endaweni yenhlekelele e-Pinetown, ngathatha isinqumo ngale-so sikhathi sokuba ngiqeqeshwe kulo mkhakha. Ingxenye yami yokwenza le diploma kwakungukungena ezicathul-weni zalaba bantu. Uma ngiyoqaqa umzimba ePinetown, ngicabanga
labo bantu abenza lo msebenzi nsuku zonke.”
Esekhuluma nabasebenzi, uN-gqongqoshe uDhlomo wathi: “Kumele niqhubeke nizikhulekele ukuze nikwazi ukuphila. Ababaningi abantu aban-gaphila kulo msebenzi wenu. Kumele nivuke namandla amasha, nisondelane noMdali nithole ukuphaswa nguye. Kumele nizakhele umdlandla wokuse-benza. Ngithokoza kakhulu ngokuthi nakuba zikhona izinselelo kepha nibeka phambili imindeni eshonelwe.
“Nibhekana nalolu sizi…imizimba esiyonakele… nsuku zonke. Kepha aninakuzikhethela. Kunezinselelo, akumnandi ukukubona, kepha nikubo-na nsuku zonke. Ngibone kubalulekile ukuba ngize namuhla ukuzonibonga.”
UDhlomo wazibophezela ekuqhubek-eni nokubhekelela nokuthuthukisa abasebenzi bezamakhaza.
UNgqongoshe uDhlomo uvakashele iSi-
Bhedlela iMadadeni
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
lokho ongakwenza uma unesifo esithathelwana ngocansi
IZImpAwU okUmELE UZIbHEkEUma kunomuntu omaziyo owenza okungajwayelekile noma umama abonakale engajabulile ngengane yakhe, bheka lezi zimpawu ezilan-delayo zesifo sengcindezi:
Ukungenami, ukuba nexhala Ukuphelelwa yithemba
nokucabanga okubi kodwa Ukucasuka kalula nokungabi
mnandi Ukuzizwa unecala noma
ungenasizo lwalutho Ukungabi namdlandla
walutho okubandakanya nocansi
Ukuhlala njalo ukhathele Ukungakwazi ukulalelisisa,
ukukhumbula imininingwane nokuthatha izinqumo
Ukuqwasha noma ukulala ngokweqile
Ukudla ngokweqile noma ukungakuthandi ukudla
Ukufuna ukuzibulala/ukuzama ukuzibulala
Ngokugula kwengqondo
U INgabe Ukugula kwengqondo kuyisifo?
Ukugula kwengqondo kusesatshwa futhi akuqondwa ngabantu abaningi, kepha ukukwazi nokukuqonda kuyokwenza ubhekane nakho ngaphandle kokwesaba bese ufundisa nabanye emphakathini wakho ukuze wonke umuntu abe nolwazi bese kusizakala labo abanenkinga. Ngaleyo ndlela sakha imiphakathi eqinile.
Abantu abanokugula kwengqondo “abahlanyi” futhi “abathakathiwe”. Badinga
usizo lwethu nokuthi sibaqonde. Iningi labantu abadinga lolu sizo bayasifihla isimo sabo ngoba benamahloni, benokuph-oxeka nokwesaba ukuhlaselwa uma bevuma ukuthi banokugula kwengqondo. Ngaphandle kokuqonda nosizo lwethu, labo abanokugula kwengqondo, bayoyifi-hla inkinga yabo, ikhule bese kuba yingozi kubo nasemphakathini wabo.
UTHi BEwazi? ama-73% okugula kwengqondo ahlala engahlonzwan-ga, engelashwanga futhi engasizwa?
U kuhlonzwa kwelash-we kanjani ukugula
kwengqondo?
Umsebenzi wezempilo uyokwedlulisela kuchwepheshe ukuze uphinde uhlolwe bese kuqinisekiswa ukuthi unakho ngempela yini ukugula kwengqondo. Kuyoya ngesimo, ukwelashwa kungafaka imithi noma ukwelulekwa noma kokubili. Uma kunokulawulwa okufanele, izimpawu zokugula kwengqondo zingehla, bese ogulayo aphile impilo eyejwayelekile.
q Ukuguqula indlela umphakathi obuka
ngayo ukugula kwengqondo
Ukuphikisa okukholwa ngabaningi, labo abanokugula kwengqondo abanalo udlame nobungozi. Esikhundleni salokho, badinga ukuba sibaqonde bese sibeseka, singabesabi. Ungasiza ngoku:
Uqonde ukuthi banalesi sifo – aban-amadimoni noma ukuvilapha
Ubaseke ngezikhathi ezinzima Ubakhuthaze ukuba bathole usizo Ube nozwelo nonakekelo Ufundise nabanye ngokugula
kwengqondo kanye nokuyimbangela.
Uma usola noma wazi ukuthi unokugula kwengqondo, khuluma nothile – umngani, osebenza naye, enisonta naye noma umsebenzi wezempilo. Ukukhuluma kusiza ukuba uthole izisombululo.
NG
EM
pIL
o y
EN
Gq
oN
Do
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
UNtUlIkAzI YINYANGA YOkUQWASHISA NGOkUGUlA kWENGQONDO
“Sinomsebenzi obucayi kulesi sifundazwe wokuqwashisa ngempilo yengqondo. Sinomsebenzi wokuguqula ezempilo yengqondo ukuze siqinisekise ukuthi ziyahambisana namalungelo abantu afakwa ngesikhathi kwethulwa
umthetho Wonakekelo Lwempilo Yengqondo uNo. 17 ka 2002” – uNgqongqoshe Wezempilo e-KZN, uDkt Dhlomo
I ziguli ezinokugula kwengqondo, onompilo, abelaphi, abahlinzeki bezidingo kuhulumeni nabazimele,
izinhlangano ezingenzi nzuzo kanye nabahlomuli, bethula i-Mental Health Advocacy Movement mhla zi-2 kuNtulikazi wezi-2016 eThekwini, ebhishi.
Kwabuthana abantu abangaphezu kwa-ma-350 kusuka komama abanezingane kuya kubantu abadala abazinikela ekuseni kumakhaza eThekwini ukuze bahambele ukuqwashisa.
Lo mcimbi wahlonishwa uMiss Teen Africa 2016 uLuthando Malembe, owaxoxa ngokunqoba kwakhe i-ADHD nokun-gaphumeleli kwakhe ezifundweni kuya ekunqabeni ukungathiywa ukugula ngokuthi athole ukwelashwa okufanele kanye nokwesekwa, nokuthola ukwelule-
kwa kwengqondo. Akumsizanga kuphela ekuphumeleleni ezifundweni kepha uzuze nezinye izicoco. Ungubufakazi bokuseben-za kokwelashelwa ukugula kwengqondo kanye nempilo yabantu abasha engena-zidakamizwa.
Iqembu elikhuthaza impilo yengqondo lihlela ukwenza lo mcimbi kube ngowa-minyaka yonke, uma kwenzeka kube ngokazwelonke. Okunye okuhlelwe ngalo nyaka isimpoziyamu eyoba nethuba elibhekiswe ekusekweni konompilo, ukuqaliswa kwesikhungo sezidingo zem-pilo yengqondo kanye nokuzokwenziwa yimiphakathi ekuqwashiseni ngempilo yengqondo, ukugula kwengqondo kanye nokusetshenziswa kwezidakamizwa kanye nokusiza umphakathi ukuba uphucule impilo yengqondo yawo.
Leli qembu lingathintwa ku [email protected]
Liphezulu izinga loku-
funa ukuzibu-
lala nokugula
kwengqondo
kubantu aba-sha
‘sUkUmANI’ UmNYAkAZo wok-wEsEkA UkUGULA kwENGQoNDo
EsIfUNDAZwENI I-kZN
ngesikhathi kwelashwa nangenkathi isetshenziswa uma kujovwana ngezida-kamizwa. Ukuthelelana uma kwenziwa ucansi nakho kuyenzeka, kepha akujwayelekile. Alikho ikhambi lokugomela i-HCV.
4 Ukutheleleka ngegciwane le-hepa-titis D (HDV) kwenzeka kuphela ku-
labo abatheleleke nge HBV. Ukutheleleka ngakho kokubili i-HDV kanye ne-HBV kun-gaholela esifeni esinzima kakhulu kanye nomphumela omubi kakhulu. Imigomo ye-hepatitis B inikeza ukuvikeleka ekuthe-lelekeni nge-HDV.
5 igciwane le-hepatitis E (HEV) livamise ukuthelelwana ngokuphuza amanzi
noma ukudla okusulelekile. I-HEV iyim-bangela ejwayelekile yombhedukazwe walesi sifo ezingxenyeni eziningi zomhlaba kodwa imigomo ephephile nesebenzayo yokuvikela ukuthelelana nge-HEV ayi-tholakali kalula yonke indawo.
Izimpawu zingathatha amasonto ambalwa futhi zingahlanganisa nalokhu:
Ukuphenduka kwesikhumba namehlo kube phuzi (i-jaundice)
Ukushuba komchamo Ukukhathala okwedlulele Ukucanuzela kwenhliziyo, ukuphalaza
kanye nezinhlungu esiswini
28
Vikela ingane yakho
esifeni se-hepatatis,
goma!
‘Ukuyiqeda’ kungenzeka!IYINI I-HEpATITIs?Yenzeka uma kunokuvuvuka kwesibindi (ukuvuvuka kwenzeka uma ingxenye ethile yomzimba iba bomvu, ivuvuka futhi ibe buhlungu). Lokhu kubangelwa izinto ezi-hlukene, kepha ukutheleleka ngegciwane kuvamise ukuthi kube yikhona okujway-elekile (ukutheleleka ngegciwane kusho ukuthi unegciwane emzimbeni wakho). Igciwane le-hepatitis B lithelelwana am-athuba aphindaphindwe ngama-50 kuya kwayi-100 ngaphezu kwegciwane lesan-dulela ngculazi ngoba liyakwazi ukuphila kwezinye izindawo okungaze kufinyelele ezinsukwini eziyisikhombisa, kanti igciwane lesandulela ngculazi liphila imizuzu nje em-balwa ngaphandle komzimba womuntu. Kunezinhlobo eziyisi-5 ze-hepatitis:
1 igciwane le-hepatitis a (HaV) liya-tholakala endleni yomuntu othelelekile
kanti futhi lijwayele ukuthi lisabalaliswe ngamanzi noma ukudla okusulelekile. Ezinye izindlela zokwenza ucansi nazo zingayisabalalisa i-HAV. Ezikhathini eziningi ukutheleleka akunakeki, kepha, okunye ukutheleleka nge-HAV kungaba nzima futhi kungabulala.
2 igciwane le-hepatitis B (HBV) litha-thelwana ngokuthintana negazi,
isidoda kanye nolunye uketshezi oluphu-ma emzimbeni, okuthelelekile. I-HBV ingadluliselwa ngumama osethelelekile ayidlulisele osaneni ngenkathi eteta noma idluliswe ngomunye emndenini ayidlulisele osaneni uma luseluncane. Ingathathelwana futhi uma kuthekelwana ngegazi elisuleleke nge-HBV noma izinto ezenziwe ngegazi, imijovo esulelekile ngesikhathi kwelashwa nangokujova uma kusetshenziswa izidakamizwa. Imigomo ephephile nesebenzayo iyatholakala ukuvimbela i-HBV ngakho qiniseka ukuthi usana lwakho luyagonywa ngesikhathi, ngaso sonke isikhathi.
3 igciwane le-hepatitis C (HCV) livamise ukuthathelwana ngokuthintana
negazi elithelelekile. Lokhu kungenzeka ngokuthekela ngegazi elisulelekile nge-HCV – igazi elinayo noma izinto ezenziwe ngegazi elisulelekile, imijovo esulelekile
UNtulikazi USUkU lWE-HEPAtItIS EMHlABENI
I-h
EpA
tIt
IS
Abantu abayisigidi esi-1.4 bayafa unyaka nonyaka emhlabeni wonke ngenxa yegciwane le-hepatitis
Abantu abayizigidi ez-ingama-400 bayatheleleka umhlaba wonke
Amaphesenti angama-80 alabo abathelelekile awazi.
Ukulashelwa i-hepatitis kungavikela umdlavuza wesibindi
Ukuvikela kungcono ku-nokwelapha
Hlamba izandla zakho njalo – ikakhu-lukazi ngemuva kokuthinta izinkinobho zaselifthini, ompompi bomphakathi kanye nezitebhisi.
sebenzisa ijazi lomkhwenyana uma wenza ucansi – amagciwane akhona esidodeni, oketshezini olukhishwa owesifazane kanye nasegazini lakho.
Gwema ukusebenzisa izidakamizwa futhi ungalingi usebenzise izinalithi noma imijovo esetshenziswa ngomu-nye umuntu.
Gqoka okokuzivikela uma usebenza ngamanxeba avulekile noma uku-sikeka kwabanye abantu.
Ungalinge usebenzise izinsingo, izix-ubho zamazinyo noma yini enye ecijile esetshenziswa ngomunye umuntu.
HLoLwA. THoLA UkwELAsHwA. HLENGA ImpILo.
I-hepatitis ivamise ukuba yisifo
abantu abangasiqondi, esijwayele
ukuhlanganiswa negciwane lesan-
dulela ngculazi/nengculazi noma
limataniswe kuphela nabantu abenza
imikhuba enobungozi. Kepha igciwane
le-hepatitis nalo lihlukile. Okungafani
nokunye ukugula, ukuthi liyalapheka,
ngakho ke ukwazi amaqiniso ngalesi
sifo kubalulekile ukuze wazi ukuthi yini
enye ongayenza uma ubhekene naso
– futhi ulekelele ukunqanda ukubheb-
hetheka kwaso.
Top Related