SEZIMALI SIGXILA EKUKHULISENI UMNOTHO 2014 People's Gui… · Imali mbuyiselo (rebate) izokwenyuka...

4
Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu 1 i-SMS ngayinye ibiza 50c. 1. Ovela kungqongqoshe 2. Igalelo lezomphakathi 3. Eyezenhlakahle 2 1. Ukuthuthukiswa kwezempilo 2. Ezamathuba emisebenzi 3. Ivelaphi imali yesabelo 3 1. Ubonelelo lwentela 2. Ezamabhizinisi amancane 3. Ubonelelo lwabongayo 4. Eyogwayi notshwala 4 ISABELO SEZIMALI SIGXILA EKUKHULISENI UMNOTHO UKWESEKWA KWEZOLIMO Uhlelo lokuthuthukisa ezolimo kuhloswe ngalo ukwenyusa amathuba emisebenzi adalwa ezolimo, njengoba kuchaza uhlelo lwentuthuko kazwelonke (NDP). Izifundazwe zihlangene zonke zizohlomula ngamabhiliyoni angu-R7 ukuze zisekele abalimi abasafufusayo abalinganiselwa ku-435 000 kanye nabalimi abancane abangu-54 500. EZEMFUNDO NOKUQEQESHWA Ezemfundo zithola isamba esedlula zonke ezinye izinhlelo zikaHulumeni. Kuleminyaka emithathui ezayo amabhiliyoni angu-R78 azoxhasa amanyuvesi kuthi angu-R34.3 asetshenziselwe ukwakha izikole. INGQALASIZINDA UHulumeni uzimisele ukuthuthukisa izinga lempilo yabantu bakuleli ngokutshala imali kwingqalasizinda. Kulonyaka inkampani yezitimela ezithwala abantu izohlomula ngamabhiliyoni angu-R11 ukuze ithenge izitimela ezintsha iphinde futhi ithuthukise ingqalasizinda elawula ukuhamba kwezitimela. UKWESEKWA KWEZIMBONI Amabhiliyoni angu-R10.3 azosekela ukukhuthukiswa kwezimboni; angu-R15.2 azosetshenziselwa ukweseka osomabhizinisi; kuthi amabhiliyoni angu-R3.6 azokweseka ukuvulwa kwamathuba emisebenzi ezindaweni zomkhiqizo ezaziwa ngama Special Economic Zones. AMATHUBA EMISEBENZI Kuleminyaka emihlanu ezayo, uHulumeni uhlose ukudala amathuba emisebenzi ayizigidi ezingu-6 ngokohlelo lwemisebenzi eyenziwa emiphakathini (Expanded Public Works Programme). UKULWA NOKUKHWABANISWA Ihhovisi le-Chief Procurement Officer seliqalile nohlelo lwalo lokuguqula indlela uHulumeni athenga ngayo izimpahla kanye nezinye izidingo. Konke lonke kuhloswe ngakho ukuqinisekisa ukuthi imali isetshenziswa ngendlela efanelikeyo, kubuye futhi kuncishiswe amathuba okukhwabaniswa kwezimali. I sabelo sezimali sika-2014 sigxila ekubekeni isimo somnotho endleleni entsha yentuthuko. Njengoba kuchazwe ohlelweni lwentuthuko kazwelonke (NDP), injongo enkulu kahulumeni ukwenyusa izinga lokukhula komnotho lifinyelele kumaphesenti angu-5 kuya ku-6 ngonyaka. Lelizinga lokukhula komnotho lokwandisa imali yentela, okuyiyona uhulumeni ayisebenzisela ukuthuthukisa izimpilo zabantu nokwandisa amathuba emisebenzi, ukuqeda ubuphofu nokungabikho kwamathuba alinganayo. Umnotho wakuleli ukhule ngamaphesenti alinganiselwa ku-1.8 ngonyaka ka-2013. Isimo kuleli kanye nokululama komnotho emhlabeni jikelele okuntengayo kubenomphumela emncane emkhiqizweni wakuleli kanye nokwanda kwamathuba emisebenzi. Umnotho wakuleli kulindeleke ukuba ukhule ngamaphesenti angu-2.7 nonyaka, ukhule njalo uze ufike kumaphesenti angu-3.5 ngo- 2016. Ziningi-ke izizathu ezingakhuphula izinga lokukhula komnotho wakuleli: Utshalomali kwingqalasizinda entsha kanye nokuthuthukiswa kwaleyo esivele yakhiwe, konke lokhu kulindeleke ukuba kudle u-R847.3 wamabhiliyoni eminyakeni emithathu elandelayo. Utshalomali luzokwandisa inani likagesi, ingqalasizinda, lubuye futhi lukhuthaze osozimboni abazimele ukuba batshale imali. Ukwanda kwamathuba emisebenzi kulindeleke ukuba kunike abathengi umfutho wokuthenga izimpahla kanye nakho konke okuthengiswayo kuleli. Ikusasa eliqhakazile lomnotho womhlaba jikelele kulindeleke ukuba landise amathuba osozimboni bakuleli okuthengisa umkhiqizo wabo kwamanye amazwe. INingizimu Afrika kulindeleke ukuthi ihlomule ngokwanda kwamathuba ohwebo kanye notshalomali ezwenikazi laseAfrika kuleminyaka emithathu ezayo. Yingakho nje uHulumeni wakuleli ezohlela imigomo yakhe ukuze iseke imizamo yokwandisa uxhumano ngokwezomnotho kwamazwe ase-Afrika yonkana. Ukwakhiwa kwengqalasizinda entsha nokuthuthukiswa kwaleyo esizele yakhiwe kuyisisekelo esikhulu sezinhlelo zikaHulumeni. Ingqalasizinda esikhuluma ngayo yileyo efana no kwandiswa kweziteshi zokuphehla ugesi, utshalomali ezintweni zokuthutha umphakathi, kanye nokuvuselelwa kwezikhungo ezingu-5 zamanzi. SIKWENZELANI ISABELO SEZIMALI National Treasury Department: REPUBLIC OF SOUTH AFRICA national treasury ZULU ISSUED BY: National Treasury: Tel (012) 315 5757 SARS: Tel 0800 007 277 www.treasury.gov.za | www.sars.gov.za Njalo ngonhlolanja, uNgqongqoshe wezezimali wethula izinhlelo zeminyaka emithathu elandelanayo zesabelo sezimali, ukuqoqwa kwentela kanye nokwebolekwa kwemali ezimakethe zezimali kuleli naphesheya kwezilwandle. Ungqongqoshe uphinde achaze indlela okuhloswe ngayo ukusetshenziswa kwemali eyabelwe iminyango kahulumeni wesizwe, ohulumeni bezifundazwe kanye namantshontsho atholwa omasipala. Leliphephandaba likhishwe nguMnyango Wezezimali nenhlangano Eqoqa Intela (Sars) BUDGET 2014

Transcript of SEZIMALI SIGXILA EKUKHULISENI UMNOTHO 2014 People's Gui… · Imali mbuyiselo (rebate) izokwenyuka...

Page 1: SEZIMALI SIGXILA EKUKHULISENI UMNOTHO 2014 People's Gui… · Imali mbuyiselo (rebate) izokwenyuka kanje: Intela yakaphethiloli izonyuka ngamasenti angu-12 ilitha, bese kuthi imali

Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu 1

i-SMS ngayinye ibiza 50c.

1. Ovela kungqongqoshe

2. Igalelo lezomphakathi

3. Eyezenhlakahle

21. Ukuthuthukiswa kwezempilo

2. Ezamathuba emisebenzi

3. Ivelaphi imali yesabelo

3 1. Ubonelelo lwentela

2. Ezamabhizinisi amancane

3. Ubonelelo lwabongayo

4. Eyogwayi notshwala

4

ISABELO SEZIMALI SIGXILA EKUKHULISENI UMNOTHO

• UKWESEKWAKWEZOLIMOUhlelo lokuthuthukisa ezolimo kuhloswe ngalo ukwenyusa amathuba emisebenzi adalwa ezolimo, njengoba kuchaza uhlelo lwentuthuko kazwelonke (NDP). Izifundazwe zihlangene zonke zizohlomula ngamabhiliyoni angu-R7 ukuze zisekele abalimi abasafufusayo abalinganiselwa ku-435 000 kanye nabalimi abancane abangu-54 500.

• EZEMFUNDONOKUQEQESHWAEzemfundo zithola isamba esedlula zonke ezinye izinhlelo zikaHulumeni. Kuleminyaka emithathui ezayo amabhiliyoni angu-R78 azoxhasa amanyuvesi kuthi angu-R34.3 asetshenziselwe ukwakha izikole.

• INGQALASIZINDAUHulumeni uzimisele ukuthuthukisa izinga lempilo yabantu bakuleli ngokutshala imali kwingqalasizinda. Kulonyaka inkampani yezitimela ezithwala abantu izohlomula ngamabhiliyoni angu-R11 ukuze ithenge izitimela ezintsha iphinde futhi ithuthukise ingqalasizinda elawula ukuhamba kwezitimela.

• UKWESEKWAKWEZIMBONIAmabhiliyoni angu-R10.3 azosekela ukukhuthukiswa kwezimboni; angu-R15.2 azosetshenziselwa ukweseka osomabhizinisi; kuthi amabhiliyoni angu-R3.6 azokweseka ukuvulwa kwamathuba emisebenzi ezindaweni zomkhiqizo ezaziwa ngama Special Economic Zones.

• AMATHUBAEMISEBENZI Kuleminyaka emihlanu ezayo, uHulumeni uhlose ukudala amathuba emisebenzi ayizigidi ezingu-6 ngokohlelo lwemisebenzi eyenziwa emiphakathini (Expanded Public Works Programme).

• UKULWA NOKUKHWABANISWA Ihhovisi le-Chief Procurement Officer seliqalile nohlelo lwalo lokuguqula indlela uHulumeni athenga ngayo izimpahla kanye nezinye izidingo. Konke lonke kuhloswe ngakho ukuqinisekisa ukuthi imali isetshenziswa ngendlela efanelikeyo, kubuye futhi kuncishiswe amathuba okukhwabaniswa kwezimali.

Isabelo sezimali sika-2014 sigxila ekubekeni isimo somnotho endleleni entsha yentuthuko.

Njengoba kuchazwe ohlelweni lwentuthuko kazwelonke (NDP), injongo enkulu kahulumeni ukwenyusa izinga lokukhula komnotho lifinyelele kumaphesenti angu-5 kuya ku-6 ngonyaka. Lelizinga lokukhula komnotho lokwandisa imali yentela, okuyiyona uhulumeni ayisebenzisela ukuthuthukisa izimpilo zabantu nokwandisa amathuba emisebenzi, ukuqeda ubuphofu nokungabikho kwamathuba alinganayo.

Umnotho wakuleli ukhule ngamaphesenti alinganiselwa ku-1.8 ngonyaka ka-2013. Isimo kuleli kanye nokululama komnotho emhlabeni jikelele okuntengayo kubenomphumela emncane emkhiqizweni wakuleli kanye nokwanda kwamathuba emisebenzi. Umnotho wakuleli kulindeleke ukuba ukhule ngamaphesenti angu-2.7 nonyaka, ukhule njalo uze ufike kumaphesenti angu-3.5 ngo-2016.

Ziningi-ke izizathu ezingakhuphula izinga lokukhula komnotho wakuleli:• Utshalomalikwingqalasizinda

entsha kanye nokuthuthukiswa kwaleyo esivele yakhiwe,

konke lokhu kulindeleke ukuba kudle u-R847.3 wamabhiliyoni eminyakeni emithathu

elandelayo. Utshalomali luzokwandisa inani likagesi, ingqalasizinda, lubuye futhi

lukhuthaze osozimboni abazimele ukuba batshale imali.

• Ukwandakwamathubaemisebenzi kulindeleke ukuba kunike abathengi

umfutho wokuthenga izimpahla kanye nakho konke okuthengiswayo kuleli.

• Ikusasaeliqhakazilelomnothowomhlaba jikelele kulindeleke ukuba landise amathuba osozimboni bakuleli okuthengisa umkhiqizo wabo kwamanye amazwe.

• INingizimuAfrikakulindelekeukuthi ihlomule ngokwanda kwamathuba ohwebo kanye notshalomali ezwenikazi laseAfrika kuleminyaka

emithathu ezayo. Yingakho nje uHulumeni wakuleli ezohlela

imigomo yakhe ukuze iseke imizamo yokwandisa uxhumano ngokwezomnotho kwamazwe ase-Afrika yonkana.

Ukwakhiwa kwengqalasizinda entsha nokuthuthukiswa kwaleyo esizele yakhiwe kuyisisekelo esikhulu sezinhlelo zikaHulumeni.

Ingqalasizinda esikhuluma ngayo yileyo efana no kwandiswa kweziteshi zokuphehla ugesi, utshalomali ezintweni zokuthutha umphakathi, kanye nokuvuselelwa kwezikhungo ezingu-5 zamanzi.

SIKWENZELANIISABELOSEZIMALI

National TreasuryDepartment:

REPUBLIC OF SOUTH AFRICA

national treasury

ZU

LU ISSUED BY:

National Treasury: Tel (012) 315 5757 SARS: Tel 0800 007 277

www.treasury.gov.za | www.sars.gov.za

Njalo ngonhlolanja, uNgqongqoshe wezezimali wethula izinhlelo zeminyaka emithathu elandelanayo zesabelo sezimali, ukuqoqwa kwentela kanye nokwebolekwa kwemali ezimakethe zezimali kuleli naphesheya kwezilwandle. Ungqongqoshe uphinde achaze indlela okuhloswe ngayo ukusetshenziswa kwemali eyabelwe iminyango kahulumeni wesizwe, ohulumeni bezifundazwe kanye namantshontsho atholwa omasipala.

Leliphephandaba likhishwe nguMnyango Wezezimali nenhlangano Eqoqa Intela (Sars) BUDGET2014

Page 2: SEZIMALI SIGXILA EKUKHULISENI UMNOTHO 2014 People's Gui… · Imali mbuyiselo (rebate) izokwenyuka kanje: Intela yakaphethiloli izonyuka ngamasenti angu-12 ilitha, bese kuthi imali

Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu

Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu 2

BUDGET 2014

Kuleminyaka engu-20 edlule kuningi osekuguquliwe kulelizwe. Isimo sezimali

zikaHulumeni singcono kakhulu kuneseminyaka engaphambi kuka-1994, kanti futhi imigomo kaHulumeni ibenemthelela omkhulu ekuthuthikisweni kwezinga lempilo yabantu bakuleli. Lemigomo futhi yiyo esize lelizwe ukuthi likwazi ukumelana nezivunguvungu zeminyaka yawo-2008 kanye no-2009 ezadalwa ukuntenga kwezimakethe zezezimali kanye nomnotho emhlabeni jikelele.

Umnotho weNingizimu Afrika usukhule ngamaphesenti angu-80 kusukela ngo-1994. Lokhu kwandise imali yentela uHulumeni ayisebenzise ukwandisa isabelo sezidingo zomphakathi. Inani labathola umxhaso kuHulumeni selenyukile kuleminyaka engu-20 eyedlule lafinyelela ngaphezu kwizigidi ezingu-15. Iningi labathola lomxhaso ngabantwana kanye nabahola impesheni. UHulumeni uphinde wakha imizi engaphezulu kwezigidi ezingu 2.7, waphinde wandisa inani lemizi enogesi, amanzi ahlanzekile, enezindlu zangasese ezincono. Ukukhula komnotho yikho futhi okwandise amathuba emisebenzi, noma-ke inani lamathuba adalekile belingenele ukwehlisa inani lalabo abafuna imisebenzi.

Isabelo sezimali salonyaka sizoqhubeka sixhasa izinhlelo zomphakathi, ukudalwa kwamathuba emisebenzi, ukwakhiwa kanye nokuphuculwa kwengqalasizinda okuhloswe ngayo ukuthuthukisa izimpilo zabantu. Utshalomali kwingqalasizinda luzokwehlisa izindleko zomabhizinisi zokuthutha impahla kuleli kanye nokuyithuthela emazweni angaphandle lapho iyothengiswa khona. Isabelo sezimali salonyaka sigixabeza ukwakhiwa kwezindlu, ukuthuthukiswa kwemigwaqo kanye nezempilo, ikakhulukazi amakliniki kanye nezibhedlela.

Umnotho waseNingizimu Afrika usuguquke kakhulu kuleminyaka engu-20 eyedlule. Noma zisekhona izinkinga esibhekene nazo, kodwa iNingizimu Afrika namuhla isinomphakathi ocebile kakhulu kuneminyaka engaphambi kuka-1994. Maningi futhi amathuba asevulekile kwezomnotho kanti nezinga lobuphofu selehlile.

UMYALEZO

Siyaziqhenya ngeminyaka

ENGU-20 SAKHULULEKA

KANGQONGQOSHE

2013/14 2014/15EYEMPESHENI 1 265 1 350

EYABAMINYAKA ENGAPHEZU KUKA-75 1 285 1 370

EYAMASOSHA ASEMNKATSH’ UBOMVU 1 285 1 370

EYABAKHUBAZEKILE 1 265 1 350

EYEZINTANDANE 800 830

EYABADINGA UKUNAKEKELWA 1 265 1 350

EYOKONDLA IZINGANE 295 315

IMALI YEZE-NHLALAKAHLE

UKUDLAEZIKOLENIKulokho kwathathwa uhlelo lokupha izingane ukudla ezikoleni ngo-2004 liziko lemfundo, inani lezingane ezithola isibonelo selande lafinyelela ezigidini ezingu-9.2 mihla le.

EZEMFUNDOKusukela ngonyaka ka-1996 inani labantu abadala abangakaze balunguze esikole lehlile lisukela kumaphesenti angu-19.1 lafinyelela kumaphesenti angu-8.7 ngo-2011.

IZINDLUZANGASESEIsibalo semizi anezindlu zangasese azebenzisa amanzi noma amakhemikhali siphindwe kabili safinyelela kwizigidi ezingu-4.6 kusukela ngo-1996 kuya ku-2011.

AMANZIIsibalo semizi ethola amanzi aphuma emapayipini senyuke safika kwizigidi ezingu-13.2 ngo-2011, sisukela ku-9.1 ngo-1996.

UKUFAKWABANTWANAIzinga lokufa kwabantwana abangaphantsi konyaka bezelwe lehlile lisuka ku-45 wabantwana abangu-1000 abazelwe ngo-1994 lafinyelela ku-33 ngo-2012.

IZINDLUZingaphezu kwezigi ezingu-2.7 izindlu ezakhiwe uHulumeni kusukela ngo-1994 kuyaku-2013.

UKUFAKWEZINGANEIzinga lokufa kwezingane eziminyaka engaphantsi kuka-5 lehlile nalo lisuka ezinganeni ezingu-68 kulezo ezingu-1000 ngo-2000 ezizaliwe lafinyelela ku-41 ngo-2012.

ISANDULELANGCULAZIINingizimu Afrika inohlelo olukhulu kunazo zonke ezikhona emhlabeni lokunika amakhambi kulabo abanesandulela ngculazi (HIV) kanye nengculazi (AIDS). Bangaphezu kukahafu wenkulungwane (500 000) abantu abajoyina loluhlelo njalo ngonyaka.

Izinhlelo zezenhlalakahle ziyisikhali UHulumeni angasisebenzisa ukulwanobuphofu. Inani labantu abathola uxhaso kuHulumeni

selenyuke lafinyelela ezigidini ezingu-15.8 ngo-2013/14, lisuka ku-7.7 (2003/04). Imali yalomxhaso izokwenyuka kanje:

IGALELO LWEZINHLELOZOMPHAKATHIIsabelo sezimali esibhekele ezomphakathi sivikela imindeni ehola imali encane kanti futhi siyithuluzi lokwehlisa izinga lobuphofu.

IZIKOLEKuzokwakhiwa kwakhona izikole ezingu-433 eminyakeni emithathu ezayo. Kwezingamaphesenti awu-60 akuzukhokhwa mali yesikole ngo-2014, kanti inani labafunda mahala lizofinyelela ezigidini ezingu-8.8.

IZINDLUAmadolobha amakhulu angu-6 azogixabezwa ngezigidi ezingu-R300 minyaka le ukuze athuthukise amakhono okuhlelela ukwakhiwa kwezindawo zokuhlala. Ohulumeni bezifundwazwe bona bazothola izigidi ezingu-R899.2 kulonyaka ukuze

baphuculule izakhiwo zezindlu zangasese.

EZEMPILOIsabelo semitholampilo, izibhedlela kanye nezakhiwo zomphakathi sizokwenyuka sifike kumabhiliyoni angu-R9.4 ngo-2016/17, sisukela ku-R9 ngo-2012/13. Lesamba sizosetshenziselwa ikakhulu ukuvuselela imitholampilo kanye nezibhedlela.

UKUPHUCULWAKWEZINDLUZANGASESE

Eminyakeni eyi-2 ezayo, amabhiliyoni angu-R1.9 azosetshenziswa ukuqeda izindlu zangasese ezisebenzisa ama-bhakede kanti amabhiliyoni angu-R15.4 wona azophucula ingqalasizinda yezifunda kuleminyaka eyi-3 ezayo.

Page 3: SEZIMALI SIGXILA EKUKHULISENI UMNOTHO 2014 People's Gui… · Imali mbuyiselo (rebate) izokwenyuka kanje: Intela yakaphethiloli izonyuka ngamasenti angu-12 ilitha, bese kuthi imali

Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu

Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu 3

BUDGET 2014

UHLELOLWEMISEBENZIYOMPHAKATHILoluhlelo olwaqala ngo-2004 seluvule amathuba emisebenzi yesikhashana abalelwa ezigidini ezidlula-5, kanti isigaba esilandelayo saloluhlelo kulindeleke ukuba sivule amathuba emisebenzi elinganiselwa ezigidini ezingu-6.

UHLELOLOKUSEBENZAKOMPHAKATHILoluhlelo lunika abantulayo amathuba okusebenza izinsuku ezimbili ngeviki, noma izinsuku ezingu-8 ngenyanga,

kanti lugxile kakhulu emizamweni yokuthuthukisa umnotho.

INTELAYOKUKHUTHAZAIMISEBENZIUkusungulwa ngo January 2014 koluhlelo oluxhasa amabhizinisi anikeza amathuba emisebenzi kubantu abaneminyaka ephakathi kuka-18 no-29.

UKUQEQESHWAKWENTSHALoluhlelo luqeqesha intsha emakhonweni emisebenzi yezandla.

Uma imali eqoqwa uHulumeni ngentela ingenele ukukhokhela

isabelo sezimali sonyaka wonke, uHulumeni wakuleli uyawaboleka umehluko, ingxenye enkulu eqhamuka ezimakethe zezimali zakuleli kuthi encinyane ivele ezimakethe zezimali emazweni aphesheya.

Imali okulinganiswa ukuthi izoqoqwa isikhwama sentela kulonyaka ka-2014/15 ingamaphezulu kwethriliyoni wamarandi (R1.099 trillion). Isabelo sezimali sonkana silinganiselwa ku-R1.25 thriliyoni, okusho ukuthi kuzoba negaba lemali elinganiselwa kumabhiliyoni angu-R153.1 uHulumeni azowaboleka ezimakethe zezezimali. Ngenxa yokuntengantenga kwemali engena esikhwameni sentela, inani lemali ebolekwa uHulumeni isinyuke kakhulu kuleminyaka emihlanu edlule, kangangoba isikweletu

sikaHulumeni sizofinyelela ku-R1.6 thriliyoni ekupheleni konyaka ka-2014/15, sisukela ku-R5.26 ngonyaka ka-2008/09.

Ngokwenyuka kwesikweletu, nenzalo nayo iyakhuphuka. Inzalo ezokhokhwa uHulumeni ngonyaka ka-2016/17 ilinganiselwa kumabhiliyoni angu-R134.2, isukela kumabhiliyoni angu-R54.4 ngo 2008/09. Njengoba imali yenzalo ikhokhwa kuqala ngaphambi kokuthi isabelo sezimali sonyaka sihlukaniswe, lokhu kusho ukuthi ukwanda kwesamba sentela kunciphisa imali engasetshenziswa ukufeza izidingo zomphakathi njengengqalasizinda, ezemfundo, ezempilo, kanye nezokuvulwa kwamathuba emisebenzi.

UHulumeni uyayazi ingozi engadalwa ukukhula kwezikweletu. Yingakho nje uHulumeni ehlale egqugquzela iminyango yakhe ukuthi iphathe izimali zomphakathi njengezikhali zabentungwa.

INTELA 2013/14 %EKHOKHWA ABASEBENZAYO 335,9 BN 33,8EKHOKHWA IZINKAMPANI 198,9 BN 20,0EPHATHELENE NOHWEBO PHAKATHI KWAMAZWE

267,2 BN 26,9

INTELA YENTENGO 81,4 BN 8,2EKAPHETHILOMU 47,5 BN 4,8NOKUNYE 62,7 BN 6,3ISAMBAESIHLANGENE 993,7 BN 100,0

ingculazi (HIV/AIDS) ngo-2016/17 ukuze kwandiswe imishanguzo ye-HIV/AIDS. Bayizigidi ezingu-2.5 abantu abathola lemishanguzo kumanje, kanti kulindeleke

ukuba inani labo lenyuke ngabantu abangu-500 000 ngonyaka.

Kwenyusa izinga lokwakhiwa kwengqalasizinda kwizifunda ezizoba ngezokuqala ukufaka uhlelo lwe-National Health Insurance (NHI) kanye nezinkontileka zodokotela. Amabhiliyoni angu-R3.1 asebekelwe ukuvuselela amakliniki kanye nezibhedlela bese kuthi amabhiliyoni angu-R1.2 wona abhekene nemvumelano zodokotela.

UKUVULWA KWA-MATHUBA EMISEBENZIEZINYE ZEZINDLELA UHULUMENI ASEKA NGAZO UKWANDISWA KWEMISEBENZI:

UKUTHUTHUKISWA KWEZEMPILO

EzokuvikelaR48BNNezinye

R118BN

EzempiloR146BN

IngqalasizindayezomnothoR93BN

Ezemfundo R254BN

Emisebenzi kahulumeniR65BN

Ezezindlu nezakhiwo zomphakathiR143BN

Ezesayensi, ubuchwepheshe kanye nendaloR19BN

Ezenhla-lakahle

nokuphepha komphakathi

R116BN

Ezokuphatha kwezomnotho

R50BN

Ezobulondolozi bomphakathi

R144BN

Ezemisebenzi nokukhuseleka komphakathiR57BN

UYITHATHAPHI IMALI UHULUMENI

EBOLEKWA UHULUMENINENZALO AYIKHOKHAYO

IZOKWABIWA KANJANI

1

2

3

4

5

Abampofu bathola ukunakekelwa mahala emitholampilo baphinde

futhi bakhokhe imali ephansi kakhulu lapho besebenzisa izibhedlela zikaHulumeni. Kuleminyaka emithathu ezayo uhulumeni uzo:

Sebenzisa amabhiliyoni angu-R77 ukuthuthukisa ezempilo etholakala emitholampilo kanye namabhiliyoni angu-R240 ezibhedlela zikaHulumeni.

Vula ihhovisi kulonyaka ka-2014/15 elizohlola zonke izikhungo zezempilo.

Kwabela izigidi ezingu-R600 ohlelweni lokulwa nesifo

somhlaza wesinye.

Kwandisa ngo-R1 bhiliyoni isabelo sohlelo lwesandulela ngculazi/

Page 4: SEZIMALI SIGXILA EKUKHULISENI UMNOTHO 2014 People's Gui… · Imali mbuyiselo (rebate) izokwenyuka kanje: Intela yakaphethiloli izonyuka ngamasenti angu-12 ilitha, bese kuthi imali

Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu BUDGET2014

Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu | Umkhombandlela Woluntu 4

INTELAKA-PHETHILOMU

Imali mbuyiselo (rebate) izokwenyuka kanje:

Intela yakaphethiloli izonyuka ngamasenti angu-12 ilitha, bese kuthi imali eya emgodleni wezingozi ezenzeka emgwaqeni (Road Accident Fund) inyuke ngamasenti angu-8 ilitha kusukela zingu- 2 April 2014. Lokhu kuzonyusa intela kaphethiloli iye ku-R2.25 ilitha besekuthi eka-diesel iye ku-R2.10 ilitha.

IZIGABA ENTELA UNYAKA WENTELA:2013/14

UNYAKA WENTELA:2014/15

Ngaphansi kweminyaka engu-65 R67 111 R70 700

Iminyaka engu-65 nangaphezulu R104 611 R110 200

Iminyaka engu-75 nangaphezulu R117 111 R123 350

IMBUYISELO MALIUNYAKA

WENTELA:2013/14

UNYAKA WENTELA:

2014/15

Yabobonke abakhokh’ intela R12 080 R12 726

Eyesingezelelo sabeminyaka engu-65 -74

R6 750 R7 110

Esalabo abaminyaka engu-75 nangaphezulu

R2 250 R2 367

ISIBONELELOSABAKHOKH’INTELAIsabelo salonyaka sizobonelela

abakhokh’ intela ngamabhiliyoni angu-R9.25. Amazinga okukalwa

ngawo inani entela ekhokhwayo kanye nembuyiselo mali etholwayo azoshintshwa ukuze abakhokh’ intela bangazitholi sebebhadala imali ephezulu ngenxa yokwehla kwezinga lamandla emali. Isibonelelo salonyaka sihlelwe ukuze kuhlomule kuso kakhulu labo imiholo yabo ngonyaka engaphansi kwezinkulungwane ezingu-R350.

Ngakhoke, ingxenye engaphezulu kukahafu engu-56 phesenti yesibonelelo salonyaka izotholwa abakhokh’ intela abahola ngaphansi kwezinkulungwane ezingu-R350 ngonyaka, u-30 wamaphesenti uhlomulwe abahola phakathi kwezinkulungwane ezingu-R350 no-R750 ngonyaka.

Inani lomholo lapho umuntu engaphadali ntela kulo lizokwenyuswa kanje kusukela ngomhlaka 1 March kulonyaka kuya ku-28 February 2015:

UZOBHADALA INTELA ENGAKANANI KULONYAKA

Intela etshwaleni, kakhulukazi ku bhiya nogologo, izonyuswa ngamaphesenti aphakathi kuka-6.2 and 12. Kanti ayizunyuka intela etshwaleni besintu osebugayiwe kanye nempuphu (powder) okugaywa ngayo lobutshwala. Izokwenyuka kanje intela:

USIZOLOSOMABHIZINISI ABANCANE

i-SMS ngayinye ibiza 50c.

LIBEUMTHOMBOWOLWAZILELIPHEPHAKUWESMS YEBO NOMA CHA KU

UKUBONELELWAKWEZINHLELOZOKONGAIMALI

Ukukhuthaza ukongwa kwemali

kulezo zikhwama ezikhethekile,

abongayo abazu-khokha

ntela kwinzuzo, imihlomulo abayithola

ezinkampanini (dividends), kanye nenzala

abayithola kutshalo mali lwabo olungekho

ngaphezulu kwezi-nkulungwane ezingu-

R30 ngonyaka umuntu ngamunye.

Ukongiwa kwezemali emabhange, ngohlelo lwama-collective investment

schemes, exchange trade funds, kanye nama-retail savings bonds, nakho kuzoqhubeka kuhlomule kelesibonelelo esichazwe ngenhla. Imininingwane egcwele mayelana nalokhu izokwaziswa ngaphambi kokuphela konyaka. Isamba sezimali esitholwa esikhwameni semphesheni soxetshulwa intela inani layo elehlukile kunentela ejwayekile. Lokhu kuzokwenzima ukuze kungabe

kusadingeka ukuthi umuntu ohola kancane akhokhe intela esambeni asithola esikhwameni sempesheni kanti ubengatholi kubonelelwa ngesikhathi ebeka imali yakhe yemphesheni. Lolushintsho luzosho ukuthi umuntu othola isamba esingu-R500 000 nangaphansi uma ethatha umhlalaphantsi ngeke

esakhokha intela.

INTELA

INYUKANGE:

Ubhiya 9c per 340ml can

Iwayini elingahluziwe 13c per 750ml bottle

Iwayini elihluziwe 27c per 750ml bottle

Iwayini eliphuphumayo

62c per 750ml bottle

Ama-cider necima koma zotshwala ezinongwe ngezithelo

9c per 330ml

bottle

Ugologo R4.76 per 750ml bottle

Usikilidi 68c per packet of 20

Ugwayi ozigoqela wona

87c per 50g

Ugwayi wenqawe 9c per 25g

Ama-cigars R5.11 per 23g

EYOGWAYI NOTSHWALA

Intela ezokhokhwa kulonyaka wentela oyophela ngo-28 February 2015 ikanje:

INTELA YABAHOLA KANJE NGONYAKA INTELA OZOYIKHOKHA (R)

0 kuyaku R174 550 Amaphesenti ayi 18 weholo elidonselwa intela

Phakathi kuka- R174 551 no-R272 700

R31 419 kanye namaphesenti angu-25 kwingxenye yeholo engaphezu kuka-R174 550

Phakathi kuka- R272 701 no-R377 450

R55 957 kanye namaphesenti angu-30 kwingxenye yeholo engaphezu kuka-R272 700

Phakathi kuka-R377 451 no-R528 000

R87 382 kanye namaphesenti angu-35 kwingxenye yeholo engaphezulu kuka-R377 450

Phakathi kuka-R528 001 no-R673 100

R140 074 kanye namaphesenti angu-38 kwingxenye yeholo engaphezu kuka-R528 000

Ngaphezulu kuka-R673 101

R195 212 kanye namaphesenti angu-40 kwingxenye yeholo engaphezulu kuka-R673 100

Izikhwama zama-trusts Amaphesenti angu-40

Osomabhizinisi abancane bakhokha intela izinga layo elenyuka ngokukhula

kwebhizinisi. Lesibonelelo asibasizi osomabhizinisi abancane ngezindleko zokukhokha intela kanti futhi sihlomulisa kuphela lawomabhizinisi anenzuzo.

Ikomiti lentela eliholwa nguMnumzane Davis seliphakamise ukuthi alushintshwe uhlelo lwentela yosomabhizinisi abancane, isikhala salo sivalwe uhlelo lwembuyiselo mali eyotholwa yilawo mabhizinisi isimo sezentela sawo esime ngomumo.

Lelikomiti liphinde laphakamisa ukuthi amabhizinisi asafufusa aqhubeke wona akhokhe intela ngokohlelo lapho intela ayibhatalayo iyisibalo semali engeniswa ibhizinisi. Kodwa-ke ikomiti liphakamisa ukuthi inani eliphezulu elingakhokhwa ibhizinisi elisafufusayo lehliswe kumaphesenti awu-6 liye ku-5.

IKOMITI LENTELA ELIHOLWA NGU-MNUMZANE DAVIS

2014

INTELA

E

HLONGOZWAYO