KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE - Amnesty International · KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE ABANAKEKELI KANYE...

21
Index: AFR 53/002/2012 All photos © Gille de Vlieg KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE ABANAKEKELI KANYE NESANDULELA NGCULAZIENINGIZIMU AFRICA Lombukiso wezithombhe uveza obala umsebenzi ofihlekile wabanakekeli basemakhaya (onompilo) ezindaweni zasemakhaya eNingizimu neAfrica. Banikeza usizo olobalulekile bebebengakhokhelwa besekela abantu abanesandulela ngculazi kanye ne ngculazi, babasiza ukuthi babhekane nezinkinga abanazo ukuze bakwazi ukulwela amalungelo abo ezempilo. Kuleminyaka engamashumi amabili isandulela ngculazi sibe nemithelela ehlukumeze ezempilo ngendlela eyisimangaliso emphakathini wase Ningizimu neAfrica. Kamuva nje ukutholakala kokwelashwa ngezinsizakuphila zemishanguzo kanye nokunakekelwa uhulumeni kanye nezinhlangano ezingekho ngaphansi kwahulumeni kubonakala kunyuke kakhulu. Zombili lezinhlaka zinyuse amandla kubantu abaphila negciwane ukuze bakwazi ukumelana nesimo sempilo yabo. Nobuholi obuqinile kusizile ekwehliseni kwezinga lokucwaseka emphakathini kwalabo abaphila nesandulelangculazi kanye nengculazi. Kodwake izingqinamba zisekhona. Ukuba kude kwezindawo zosizo kanye nobuphofu kubantu basemakhaya kwenza ukuthi kubenzima kubo ukuthola izidingo zabo zempilo ezifana nokudla, nesidingongqangi. Okunyefuthi ukuthi kusaqhubeka ukuncishwa kwamandla kubantu besifazane,ukuthi bazivikele makuza ezimpilweniz abo nasekuvikelekeni kodlame elubhekiswe kubona. Uhulumeni kumele enze isiqiniseko ukuthi akukho ukucwaseka ekutholakaleni kweizidingonqangi zempilo okwenzeni amalungelo ezempilo abonakale. Iphimbo labanakekeli kulombukiso wezithombe liqhamuka ezindaweni ezithizeni zakwa KwaZulu-Natal, lesisifundazwe isona esihlukumezeke kakhulu makuza esandulaleni ngculazi, inxgenye engaphansikancane nje kwa hafu kubantu ebaneminya ka kusuka ku 15 kuya ku 49 baphila nalelileligciwane. Abakubalulayo kubonaka kwiyisikhalo ezwenilonke. Iqhaza abalibambhayo kumelwe linakwe bese bethola uxhaso njengoba iningizimu Africa iqhubeka ithuthukisa izindlela zokusebeza nangendlela esithathwa ngayo lesisifo.

Transcript of KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE - Amnesty International · KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE ABANAKEKELI KANYE...

Page 1: KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE - Amnesty International · KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE ABANAKEKELI KANYE NESANDULELA NGCULAZIENINGIZIMU AFRICA I Senzokuhle Network Kanye nabanakekeni bomphakathi,

Index: AFR 53/002/2012

All photos © Gille de Vlieg

KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE

ABANAKEKELI KANYE NESANDULELA

NGCULAZIENINGIZIMU AFRICA

Lombukiso wezithombhe uveza obala umsebenzi ofihlekile wabanakekeli basemakhaya (onompilo) ezindaweni zasemakhaya eNingizimu neAfrica. Banikeza

usizo olobalulekile bebebengakhokhelwa besekela abantu abanesandulela ngculazi kanye ne ngculazi, babasiza ukuthi babhekane nezinkinga abanazo ukuze

bakwazi ukulwela amalungelo abo ezempilo.

Kuleminyaka engamashumi amabili isandulela ngculazi sibe nemithelela ehlukumeze ezempilo ngendlela eyisimangaliso emphakathini wase Ningizimu

neAfrica. Kamuva nje ukutholakala kokwelashwa ngezinsizakuphila zemishanguzo kanye nokunakekelwa uhulumeni kanye nezinhlangano ezingekho ngaphansi

kwahulumeni kubonakala kunyuke kakhulu. Zombili lezinhlaka zinyuse amandla kubantu abaphila negciwane ukuze bakwazi ukumelana nesimo sempilo yabo.

Nobuholi obuqinile kusizile ekwehliseni kwezinga lokucwaseka emphakathini kwalabo abaphila nesandulelangculazi kanye nengculazi.

Kodwake izingqinamba zisekhona. Ukuba kude kwezindawo zosizo kanye nobuphofu kubantu basemakhaya kwenza ukuthi kubenzima kubo ukuthola izidingo

zabo zempilo ezifana nokudla, nesidingongqangi. Okunyefuthi ukuthi kusaqhubeka ukuncishwa kwamandla kubantu besifazane,ukuthi bazivikele makuza

ezimpilweniz abo nasekuvikelekeni kodlame elubhekiswe kubona. Uhulumeni kumele enze isiqiniseko ukuthi akukho ukucwaseka ekutholakaleni

kweizidingonqangi zempilo okwenzeni amalungelo ezempilo abonakale.

Iphimbo labanakekeli kulombukiso wezithombe liqhamuka ezindaweni ezithizeni zakwa KwaZulu-Natal, lesisifundazwe isona esihlukumezeke kakhulu makuza

esandulaleni ngculazi, inxgenye engaphansikancane nje kwa hafu kubantu ebaneminya ka kusuka ku 15 kuya ku 49 baphila nalelileligciwane. Abakubalulayo

kubonaka kwiyisikhalo ezwenilonke. Iqhaza abalibambhayo kumelwe linakwe bese bethola uxhaso njengoba iningizimu Africa iqhubeka ithuthukisa izindlela

zokusebeza nangendlela esithathwa ngayo lesisifo.

Page 2: KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE - Amnesty International · KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE ABANAKEKELI KANYE NESANDULELA NGCULAZIENINGIZIMU AFRICA I Senzokuhle Network Kanye nabanakekeni bomphakathi,

Thandi Mdletshe,

umnakekeli,

KuNhlangulela

ka2011.

KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE

ABANAKEKELI KANYE NESANDULELA

NGCULAZI ENINGIZIMU AFRICA

“Ukuba umnakekeli kuqhamuka Othandweni

noma ekubeni noqhozi lomsebenzi

womphakathi. Ziningi izingqinamba

ezibhekene nomphakathi, kubanzima

ukuthola usizo ngaphandle kwezinye

izindawo. Kuyekusize ukuthi kube nomuntu

owaziyo umphakathi mase abe

nokunakekela.”

“Umangivuka ekuseni ngilungiselela

izingane zami ukuthi ziye esikoleni.

Masengiyaphuma. Ngiyakwazi ukuvakashela

imizi emithathu ngosuku uma isondelene

kodwa usuku luba lufushane.”

“Uma ngithola ukuthi kukhona umunthu

onganakho ukhudla, ngiyengithathe okwami

ukudla endlini. Uma umuntu ngakwazi

ukuzenzela lutho ngiyengimuphekele, manse

ngiyaqiniseka ukuthi uwaphuza amaphilisi

abo. Uma umunthu ezakumina ethi akanayo

imali yokuya emtholampilo, ngiyengizame

ukumsiza ngemali.”

Thandi Mdletshe, umnakekeli

Page 3: KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE - Amnesty International · KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE ABANAKEKELI KANYE NESANDULELA NGCULAZIENINGIZIMU AFRICA I Senzokuhle Network Kanye nabanakekeni bomphakathi,

KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE

ABANAKEKELI KANYE NESANDULELA

NGCULAZI ENINGIZIMU AFRICA

Kubalulekile Kakhulu ukuthi abantu

abaphila negciwane badle ukudla

okunomsoco ngasosonke isikhathi. Loku

kuthuthukisa izinga lempilo yabo,

ikakhulu uma bedla imishanguzo.

Ukuthola ukudla okwanele kunzima

ezindaweni zasemakhaya, lokho kwenza

kube nzima ukuthola nobuba sesimweni

sempilo esesimeneni esingcono. Esinye

sezizathu izinkolelo zokuthi akufanele

uthathe imishanguzo ungadlile.

Okukhathazayo ukuthi abanakekeli babika

ukuthi umphakathi awusayithathi

imishanguzo ngenxa yokungabi nakho

ukudla.

“Abantu beza ekhaya kakhulukazi

ngoba umyeni wami uyinduna,

baye bafune usizo, uma umuntu

elambhile futhi ngazi ukuthi udla

imishwanguza. Intoyokuqala

engiyenzayo nje ngomnakekeli

ngiye ngibaphekele ngibanike

ukudla, kuyima ngilalela izinkinga

zabo.”

Ma Gwala, umnakekeli

Ikhishi lasemakhaya, esifundazweni sa KwaZulu-Natal KuNhlaba ka2011.

Page 4: KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE - Amnesty International · KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE ABANAKEKELI KANYE NESANDULELA NGCULAZIENINGIZIMU AFRICA I Senzokuhle Network Kanye nabanakekeni bomphakathi,

KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE

ABANAKEKELI KANYE NESANDULELA

NGCULAZI ENINGIZIMU AFRICA

“Uma (lomuntu engimunakekelaya)

egula kakhulu ngiyengimuyise kwami

ngimunakekelukhona ngimunike ukudla

ngesikhathi. Uma esebangcono

ngiyengimunike ukudla

masengimubuyisela kwakhe ukuze

azinakekele. Kuleliviki ngoLwesiHlanu,

uqale ukudla imishanguzo futhi.

Akekho esimeni esihle, asigculisi neze.

Inking inkulu uphathwa yisisisu.

Angikaxhumani naye ukuze ngizwe

isimo sakhe ngenxa yokungabi nayo

imizuzuyokuxhumana

kumakhalekhikhini wami.”

uGlorya Dladla, umnakekeli, KuNhlangulela

ka2011, eqondise esigulini esayeka amaphilisi

izinyanga eziyi 18 ngenxa yokuntula ukudla

azokudla namaphilisi.

“Akukho ukudla endlini,

ekhabetheni noma

emabodweni. Umuntu

ogulayo ohlala la endlini uma

ethatha imishanguzo ngenxa

yokungabi nokudla.” Iqembu

labanakekeli libhale

ngalesisithombhe bechaza

isimo salelikhishi, KwaZulu-

Natal, KuNhlangulela

ka2011.

Page 5: KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE - Amnesty International · KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE ABANAKEKELI KANYE NESANDULELA NGCULAZIENINGIZIMU AFRICA I Senzokuhle Network Kanye nabanakekeni bomphakathi,

KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE

ABANAKEKELI KANYE NESANDULELA

NGCULAZI ENINGIZIMU AFRICA

Umuzi wasemakhaya, KwaZulu-Natal KuNhlangulela ka2011.

Abantu abaningi abanakekelwa onompilo

bathembhele kwimali evela ngakuhulumeni

noma amalunga emindeni athola

izimpesheni ukuzebakwazi ukuthenga

ukudla nezidingo.

“Into engiphatha kabi ukuthi abantu

bathembela empeshenini kagogo

ukuzebaphile endlini. Leyompesheni

ithenga ukudla kwawowonke

umuntu endlini. Ngalokhokudla

umuntu dla imishwanguzo uyakwazi

ukuthatha imishwanguzoyakhe,

umakuba nezinkinga ngempesheni

imiswa, kuyekube nenkinga

yokudla, umuntu othatha

imishwanguzo

uyayekaukuyithatha.”

Nelisiwe Masondo, umnakekeli

Page 6: KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE - Amnesty International · KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE ABANAKEKELI KANYE NESANDULELA NGCULAZIENINGIZIMU AFRICA I Senzokuhle Network Kanye nabanakekeni bomphakathi,

KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE

ABANAKEKELI KANYE NESANDULELA

NGCULAZI ENINGIZIMU AFRICA

Ilunga lomphakathi wasemakhaya, eli nakekelwa onompilo esifundazweni sa KwaZulu-Natal, KuNhlaba ka2011.

Usizo lasiza nomama wakhe ukuze athole impesheni kahulumeni.

“Umama wami usanda kuthola

impesheni kwahulumeni,

ngaphambilini ubengayitholi, into

eyayenzeka sasingakwazi ukuthenga

ukudla. Ingane yami (enesandulela

ngculazi) yayingitshela ukuthi

ayisawathathi amaphilisi ngaphandle

kokudla. Waze wagula waya

esibhedlela… Kodwa akusenzeki

manje ngoba kunemali yempesheni.”

Ilunga lomphakathi

Page 7: KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE - Amnesty International · KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE ABANAKEKELI KANYE NESANDULELA NGCULAZIENINGIZIMU AFRICA I Senzokuhle Network Kanye nabanakekeni bomphakathi,

KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE

ABANAKEKELI KANYE NESANDULELA

NGCULAZI ENINGIZIMU AFRICA

Ikhishi lasemakhaya,

esifundazweni sa

KwaZulu-Natal

KuNhlangulela ka2011.

“Umangifika endaweni ngithola ukuthi

kukhona ogula kakhulu, ngiyengibuyele

ekhaya ngibone ukudla enginakho manse

ngiyabona ukuthi ngingamusiza kanjani.

Ngiye ngingabaniki ukudla egigakufuni,

ngibanika ukudla engikuthandayo

nami.”

Margaret Khumalo, umnakekeli

Page 8: KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE - Amnesty International · KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE ABANAKEKELI KANYE NESANDULELA NGCULAZIENINGIZIMU AFRICA I Senzokuhle Network Kanye nabanakekeni bomphakathi,

KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE

ABANAKEKELI KANYE NESANDULELA

NGCULAZI ENINGIZIMU AFRICA

Glorya Dladla, umnakekeli, KuNhlaba ka2011.

Yize izidingongqangi sezithanda

ukusabalaliswa kuleminyaka embalwa

eyadlule, abantu abahlala emakhaya,

abakakwazi kahlehle ukuthola izidingo

zempilo umabeqhathaniswa nabantu

basemadolobheni.

“Sinazo izingqinamba emphakathini

wethu. Ayikho imitholampilo,

azikho izinto zokuthutha

umpakathi, imigwaqo, ugesi,

umasibiza ama ambhulensi, awezi

noma eza sekudlule isikhathi

eside.”

“Into engiyifisa kakhulu ukubona

kwakhiwa umtolampilo

emphakathini wangakithi...

njengamaje, umakukhona othatha

imishwanguza kumele bahambhe

indlela ende ukuya emtholampilo.

Uma lowo muntu enganayo imali

yokugibela kumele wena

njengomnakekeli wenze imizamo

yokumusiza athole imali. Isikhathi

esiningi abantu abathatha

imishwanguzo bayitholi imali evela

ngakuhulumeni, njengomnakekeli

uye ube usizolwakhe lokugcina.”

Glorya Dladla, umnakekeli

Page 9: KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE - Amnesty International · KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE ABANAKEKELI KANYE NESANDULELA NGCULAZIENINGIZIMU AFRICA I Senzokuhle Network Kanye nabanakekeni bomphakathi,

KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE

ABANAKEKELI KANYE NESANDULELA

NGCULAZI ENINGIZIMU AFRICA

Umgwaqo wase makhaya

esifundazweni sa

KwaZulu-Natal,

KuNhlangulela ka2011.

Ibanga elide nokubiza kwezithuthi kubanga

izingqinamba ekutholeni usizo lwemishwanguzo

emitholampilo emiphakathini entulayo.

“Njengabanakekeli siyazama ukugwema

isimo sokuthi umuntu angayithathi

imishwanguzo yakhe ngoba benganawo

amadla okufinyelela lakutholakala khona

imishanguzo.”

“Isiguli sithola imishwanguzo yaso

ngezinsuku ezithizeni, sibuye sidinge

ekubuyela futhi emtholamphilo ngosuku

eluthize ukuze sithole eminye imishwanguzo

yaso. Ngenxa yenkinga yemali yokugibela

abakwazi ukubuyela emuva emtholampilo

ngesikhathi okumele babuyelengaso.”

“Kuleso simo ngiyengizame ukubatholela

imali ngoba ngiyazi kuzokwenzikani uma

bengayi. Ngiyazi ukuthi isimo sabo sempilo

enhle sizobuyela emuva, kungase kuholele

nase kutheni baphunyukelwe izimpilo zabo

umabengayithathi imishwanguzoyabo.

Ngiyazi futhi uma umuntu othatha

imishwanguzo akumele ayithathe mese

ephinda futhi ayiyekhe, uma eseyithatha

futhi ayisaba isasebenza kahle.”

Thandi Mdletshe, umnakekeli

Page 10: KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE - Amnesty International · KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE ABANAKEKELI KANYE NESANDULELA NGCULAZIENINGIZIMU AFRICA I Senzokuhle Network Kanye nabanakekeni bomphakathi,

KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE

ABANAKEKELI KANYE NESANDULELA

NGCULAZI ENINGIZIMU AFRICA

Abanakekeli abathathu bayongena emzini, KwaZulu-Natal, KuNhlangulela ka2011.

“Omunye umuntu engike ngakhuluma

ngayephambilini, ukuthi akakwazi

ukuya emtholampilo ngenxa yemali

yokuyakhona. Manje usesimweni la

engashona noma inini.”

Zikhokhile Ntombela, umnakekeli

“Uma kukhona umuntu ongicela imali

yokugibela, ngesinye isikhathi

angikwazi ukubanika imali engango

R 16.00, yetekisi kodwa ngingase

ngikwazi ukubanika u R 11.00 we

bhasi. Umakukhona odinga imali

kumina, kanti nama anginayo

kubanzima kakhulu kumina.”

Sihle Xulu, umnakekeli

Page 11: KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE - Amnesty International · KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE ABANAKEKELI KANYE NESANDULELA NGCULAZIENINGIZIMU AFRICA I Senzokuhle Network Kanye nabanakekeni bomphakathi,

KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE

ABANAKEKELI KANYE NESANDULELA

NGCULAZI ENINGIZIMU AFRICA

Ilunga lomphakathi elihlala la kungekho khona izinto zokuthutha, Kanti Futhi nesimo sezulu kulendawo asisihle. KwaZulu-Natal,

KuNhlangulela ka2011.

Ezinye iziguli azikwazi ukufinyelele

emtholampilo noma ezibhedlela ngenxa

yemigwaqo engamihle, eyenziwa

umthelela wezuli elibi, nkanti futhi iziguli

zihlala kude kunomgwaqo ohambha

izithuthi.

“Isitobhi siseduzane, kodwa uma

linetha ayikho indlela ongalithola

ngayo ibhasi. Amatekisi

awangeni emphakathini ngoba

imigwaqo ayimihle.”

“Umgwaqo umane ushelelele.

Into eyenzekayo ukuthi itekisi

aliguduzi yonke indawo ligcina

lihabha lakuphephekhona.”

“Awukwazi ukuyandawo uma

linetha. Ngisho noma ufonele

isithuthi sabagulayo, ngeke

sikwazi ukuza ngoba kusuke

kunetha.”

Ilunga lomphakathi

Page 12: KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE - Amnesty International · KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE ABANAKEKELI KANYE NESANDULELA NGCULAZIENINGIZIMU AFRICA I Senzokuhle Network Kanye nabanakekeni bomphakathi,

KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE

ABANAKEKELI KANYE NESANDULELA

NGCULAZI ENINGIZIMU AFRICA

Isithombe sikhombisa

umuzi wasemakhaya,

esifundazweni sa

KwaZulu-Natal,

KuNhlangulela

ka2011.

“Siyesisebenzise ibhala [ukuthutha

umuntu ongaphilile simuyisa emgwaqeni

omkhulu] evekulikhuni. Nendlela

esiyihambhayo ngebhala uwumnqansa

(iyanyukela) umuntu esimuphethe

ngebhala ubasengcupheni yokulimala.”

Umuntu ohlala kude nomgwaqo onetiyela

“Kunebanga lemizuzu elingamashumi

amahlanu ukusuka langihlala khona ngiya

la kutholakala khona ibhasi. Ibhasi linye

vo nalo lisuka nge hora lesishagalombili

ekuseni, ngakhoke kumele usheshe usuke

ngasekhaya ukuze ulithole.”

Hlengisiwe Mpanza, umnakekeli

Page 13: KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE - Amnesty International · KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE ABANAKEKELI KANYE NESANDULELA NGCULAZIENINGIZIMU AFRICA I Senzokuhle Network Kanye nabanakekeni bomphakathi,

KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE

ABANAKEKELI KANYE NESANDULELA

NGCULAZI ENINGIZIMU AFRICA

Sihle Xulu,

umnakekeli,

KuNhlangulela

ka2011.

Abanakekeli kwesinye isikhathi banakekela baphinde

futhi basekele omama abahlukumezwayo emakhaya.

Abantu besimame basengcupheni yokuhlukumezeka

ngokocansi nokungabi nawo amalungelo okuzikhethe

makuza kwezobulili.

“Ukuhlukumezwa kwabantu besimame

emakhaya kuyinkinga eyandile ehlezi

ibhekene nabanakekeli. Yize abanye abantu

besimame bezama ukukufihla

lokuhlukunyezwa, ngigcina ngizwile,

ngosizwile (ngamahebezi).”

“Omunye wesimame engisebenza naye

unesandulelangculazi, uyasaba ukutshela

umyeni wakhe nge cgiwane, usabangisho

ukumtshele ukuthi akasebenzise ijazi

lomkhwenyana. Usabaukuthi kuzobukeka

sengathi uyena osephutheni, mase ebukeka

njengomuntu okunguyena ozosulela lesifo

kumyeni.”

“Ngamutshela ukuthi, nawe awazi ukuthi

umyeni wakho unalo noma akanalo yini

igciwane, hlasembhe indlela engcono

yokubhekana nalesimo kuthi nobabili

niyohlola, masenibhekana nemiphumela

ndawonye. Kodwake uyasaba ukukwenza

lokho.”

Sihle Xulu, umnakekeli

Page 14: KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE - Amnesty International · KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE ABANAKEKELI KANYE NESANDULELA NGCULAZIENINGIZIMU AFRICA I Senzokuhle Network Kanye nabanakekeni bomphakathi,

KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE

ABANAKEKELI KANYE NESANDULELA

NGCULAZI ENINGIZIMU AFRICA

Thembi Xulu,

umnakekeli,

KuNhlaba ka2011.

Abantu besimame yibona abasuleleke kakhulu ngegciwane

lengculazi kuna bantu besilisa, esifundazweni sa KwaZulu-

Natal. Kuchishe kubengabantu abangaphansi kwa hafu

besimame basuleleke ngesandulela ngculazi abahambha

imtholampilo yabantu abazitwele.

“Umuntu wesimame weza kumina edinga usizo

ngoba wayehlukumezwe ngokushaywa umyeni

wakhe. Wayeshayelwe ukuthi wangqaba ukuya

ocansini naye ngoba ezizwa engaphilile.”

“Ngamchazela umyeni wakhe ukuthi,

ngokomthetho wezwe uyamuhlukumeza

unkosikazi wakhe.”

“Ngangikhathazekile ngaye nginqena ukuthi

ngimtshele ukuthi akayohlolela isandulela

ngculazi, ngambonisa ukuthi akaye

emtholampilo ayohlola igazi. Kodwa umyeni

wakhe akamvumeli ukuthi aye emtholampilo.

Kahlehle umyeniwakhe kamvumele ukuthi enze

izinto ezizovikela impilo yakhe.”

“Ngizizwa sengathi yonke lento ungumtwalo

emahlombhe ami. Ngiyabona ukuthi akaphilile

ngokomzimbha nangokomphefumulo. Ngiyafuna

ukumsiza kodwa anginayo indlela youkumsiza,

angazi ukuthi ngingaqala ngakuphi.”

Thembi Xulu, umnakekeli

Page 15: KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE - Amnesty International · KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE ABANAKEKELI KANYE NESANDULELA NGCULAZIENINGIZIMU AFRICA I Senzokuhle Network Kanye nabanakekeni bomphakathi,

KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE

ABANAKEKELI KANYE NESANDULELA

NGCULAZI ENINGIZIMU AFRICA

Emnyango wemzini wasemakhaya, esifundazweni sa KwaZulu-Natal, KuNhlangulela ka2011.

“Sinesi vumelwano nabanye

abanakekeli bakwezinye izigodi,

ngoba sisebenza ngokubambisana.

Uma kukhona umuntu wesimame

ohlukumezwayo, angathutha

kulesosogodi sangakubo oyohlala

kwesinye isigodi somphakathi

omusha ohlukile.”

“Lokhu kungoba uma umuntu

wemame efuna ukubaleka kwakhe

ayohlala kwene indawo kodwa

emphakathini wangakubo,

akuphephile ngokuphelel,

umhlukumezi wakhe usengakwazi

ukungena kulowo muzi abalekele

kuwona. Uma omunye wethu

kwesinye isigodi emunikeza

indawo yokuhlala angazizwa

ephephile.”

Sihle Xulu, umnakekeli

Page 16: KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE - Amnesty International · KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE ABANAKEKELI KANYE NESANDULELA NGCULAZIENINGIZIMU AFRICA I Senzokuhle Network Kanye nabanakekeni bomphakathi,

KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE

ABANAKEKELI KANYE NESANDULELA

NGCULAZI ENINGIZIMU AFRICA

Umyango ovaliwe komunye umuzi wasemakhaya, esifundazweni sa KwaZulu-Natal, KuNhlangulela ka2011.

“Kwesinye isikhathi kunzima ukusekela

umuntu wesimame ozithola

ehlukunyezwa ekhaya, uma efuna

ukuphuma kulesosimo. Uma umuntu

wesimame efuna ukuphunyuka

esimweni sokuhlekunyezwa, kubanzima

ngoba umyeni wakhe uyasazi,

uyawazinomusebenziwethu esuwenzayo

uye asole unkosikazi wakhe ngokuba

isilima. Umyeni wakhe uye asole ukuthi

thina singase sitshele abantu izinto

azenzayo. Kanti akunjalo siyesinga

fafazi izindaba zabantu, nemiziyabo.”

Nonhlanhla Khumalo, umnakekeli

“Uma kukhona isimo sokuhlukumeseka

kwengane, nodlame lwasekhaya

olwenzeka emphakathini yethu,

abanakekeli bazithola sebengabantu

ababi emphakhathi wasemakubo.”

“Akukho ukubambhisana nabakasidlodlo

emphakathini yasemakhaya. Izikhumulo

zabakwasidlodlo zikude, futhi ke azikho

sezithuthi zomphakathi ezingakusiza

ukuze usheshe ufunyelele.”

Patti Joshua umhlanganisi wenhlangano ebizwa

ngokuthi Senzokuhle Community Based

Organization Network

Page 17: KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE - Amnesty International · KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE ABANAKEKELI KANYE NESANDULELA NGCULAZIENINGIZIMU AFRICA I Senzokuhle Network Kanye nabanakekeni bomphakathi,

KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE

ABANAKEKELI KANYE NESANDULELA

NGCULAZI ENINGIZIMU AFRICA

Umuntu wesimame enyuka

emqansa ephethe umtwalo,

esifundazweni sa KwaZulu-

Natal, KuNhlangulela ka2011.

Abanakekeli besimame bathwele umthwalo

omkhulu emahlombe abo, emzini yasemakhaya

nasemiphakathini yangakubo yokunakekela

abantu abanesandulela ngculazi kanye

nengculazi. Ukuba ivela kangcane komsebenzi

ezindaweni zasemakhaya noku hambha

kwabantu besilisa beya emadolobheni beyo

funa imisebenzi kwenza kungabikhona

ukusimama.

“Ngokwazi Kwami abantu besimame

abenza umsebeni wokunakekela.

Ngokwami ngiyafisa ukuthi

kubekhona abanakekeli besilisa,

khona bezokwazi ukukhulema

nabanye abantu besilisa. Kwesinye

isikhathi uye uzizwe usaba noma

ungakhululekile ukukhuluma nomuntu

wesilisa ngezimo ezenzekayo, futhi

nabo bazizwa bengakhululekile

ukukhuluma nomuntu wesifazane.”

Hlengisiwe Mpanza, umnakekeli

Page 18: KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE - Amnesty International · KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE ABANAKEKELI KANYE NESANDULELA NGCULAZIENINGIZIMU AFRICA I Senzokuhle Network Kanye nabanakekeni bomphakathi,

KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE

ABANAKEKELI KANYE NESANDULELA

NGCULAZI ENINGIZIMU AFRICA

Abanakekeli ababili baqonde emzini, esifundazweni sa KwaZulu-Natal, KuNhlangulela ka2011.

Abanakekeli kwesinye isikhathi baye

bathole kunzima ukubhekana

nokucwaseka okuhambisana

nesandulela ngculazi, ukuze babhekane

nokusekela abantu abasabayo ukufunda

noma ukuphumela obala ngesimo sabo

sengculazi.

“Kwesinye isikhathi ngiye

ngibone ukuthi lomutu

engimunakekelayo uphila

unesandulela ngculazi, kodwa

bayasi fihla isimo sabo.

Bakutshele ukuthi banesifo

sephepha.”

“Singasho ukuthi uma uyohlola

mase uthola ukuthi isimo sakho

sinjani uye ukwazi ukuthula

imishwanguzo, mase uyakwazi

ukuphila kahle impilo yakho

egcwele uzimele. Kodwa ke

esingakwazi ukuyenza ukuthi

sitshele umuntu ukuthi siyabona

ukuthi unesandulelangculazi.

Siye nje sibagqugquzele ukuthi

bayohlola.”

Nonhlanhla Khumalo, umnakekeli

Page 19: KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE - Amnesty International · KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE ABANAKEKELI KANYE NESANDULELA NGCULAZIENINGIZIMU AFRICA I Senzokuhle Network Kanye nabanakekeni bomphakathi,

KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE

ABANAKEKELI KANYE NESANDULELA

NGCULAZI ENINGIZIMU AFRICA

Owesimame ophile negciwane uphethe imishanguzo, KuNhlangulela ka2011.

“Abantu bayawuthokozela

umsebenzi esiwenzayo. Bazizwa

sengathi abakwazi ukuya

ezibhedlela noma emitholampilo

bayohlolelwa isandulela ngculazi,

ngoba uma bethola ukuthi banalo

igciwane lengculazi ngaze

bakwazi ukumelana nalesosomo.

Into esiyenzayo, siyesihlale nabo

phansi sibagqugquzele ukuthi

abaye ezikhungweni

zemtholamphilo. Uye ubone ukuthi

umthwalo uma besaqala

ukuthatha imishwanguzo yabo,

kodwa emvakwesikhathi kuhabha

kubengcono, baqale

nokukhuluphala.”

Nelisiwe Masondo, umnakekeli

Page 20: KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE - Amnesty International · KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE ABANAKEKELI KANYE NESANDULELA NGCULAZIENINGIZIMU AFRICA I Senzokuhle Network Kanye nabanakekeni bomphakathi,

Abasemgqeni ophezulu: Ma Gwala noZikhokhile

Ntombela; Hlengiwe Mpanza.

Abasemgqeni wesibili: Fikisiwe Ndlovu;

Margaret Khumalo; Margaret Khumalo, Thembi

Xulu, Patti Joshua, Fikile Magubane, Hlengiwe

Mpanza.

Abasemgqeni wesithathu: Sihle Xulu oguqile,

Sebebzile Biyela odlala ngezinwele kanye

noFikile Magubane abangemuva; Nonhlanhla

Khumalo, Fikile Magubane.

Abesemgqeni ophansi: Nelisiwe Masondo.

KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE

ABANAKEKELI KANYE NESANDULELA

NGCULAZI ENINGIZIMU AFRICA

UAmnesty International uthanda ukubonga bonke

abanakekeli abasivulele izifuba ngomsebenzi wabo,

nangedlela ababonangazo izinto. Sibandankanya labo

bavelengaphambilini nalabo izithombhezabo ezikhona

njengamanje.

Page 21: KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE - Amnesty International · KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE ABANAKEKELI KANYE NESANDULELA NGCULAZIENINGIZIMU AFRICA I Senzokuhle Network Kanye nabanakekeni bomphakathi,

Index: AFR 53/002/2012

All photos © Gille de Vlieg

KUCASHILE FUTHI AKUGQAMILE

ABANAKEKELI KANYE NESANDULELA

NGCULAZIENINGIZIMU AFRICA

I Senzokuhle Network Kanye nabanakekeni bomphakathi, abanye babo abavelanga, bafisa ukuqhwashisa umphakathi noma bazise imiphakathi ngezimo

ezibhekene nabantu besimame, ababhekene nokuphila nesandulelangculazi emiphakathini, benze amalungelo abo okuphila kube yinto abayibonayo.

I Senzokuhle kanye neAmnesty International babambhisene ukuqinisekisa ukuthi lokhu kuyenzeka, ndawonye bafuna futhi ukuqiniseka ukuthi iqhaza elibanjwa

abanekekeli bemiphakathi makuza ekunakekeleleni abatu abanesandulela ngculazi kanye ne ngculazi liyabonakala. Ukuqinisekisa ohlelweni olubanzi lwezihlelo

zomphakathi, siyanxusa uhulumeni waseNingizimu neAfrica ukuthi abanakekeli abanjengalaba babaxhase ngezidingo zabo. Sikholelwa ekutheni lokhu

kuzoqinisa imizamo kahulumeni yokuhlangabezana nejoka labo lokuqinisekisa ukuthi akekho umuntu ocwasekayo umangabe kumele athole usizo lwezempilo.

UAmnesty International usuke wabambha imihlangano emikhulu yangaphandle kulelizwe kanye naphesheya kusukela ngo 2008, U Amnesty International (A.I.)

ufuna kube khona umnyakazo ukuze iNingizimu Africa idlule ezihibeni ezenza ukuthi ungakwazi ukunikeza wonke umuntu ilungelo lakhe lempilo. uA.I. usabiza

womke amalunga omphakathi, wahlangana nabaphethe esifundazweni zonkana, nabaxhasa ngezimali. Ukuthi wonke umutu akhulume lizwelinye, wonke umuntu

abe isishoshovuekulweni nasekuxhaseni abantu besimame abaphila nesandulela ngculazi kanye ne ngculazi. Nasekuboneni amalungelo empilo nezimo

zokugwcaswa ngobulili, ubuphofu, imigwaqo engekho esimweni okumele sibeyiyo, nokungabikhona kwezinto ezihleliwe zokuthutha emakhaya. Lomsebenzi

uyingxenye ye Demand Dignity campaign, ebekelele ukuthi nalabo abamphofu bayawathola amalungelo abo.