Amaqhawe Oshintsho - UNIC Pretoria · onke amaqhawe ongawathola ukuvikela isimo sendalo nemvelo...

8
Amaqhawe Oshintsho Amaqhawe Oshintsho Amaqhawe Oshintsho IsiZulu AMAKHOMIKI AMAKHOMIKI AMAKHOMIKI AHLANGANISA AHLANGANISA AHLANGANISA IZIZWE IZIZWE IZIZWE

Transcript of Amaqhawe Oshintsho - UNIC Pretoria · onke amaqhawe ongawathola ukuvikela isimo sendalo nemvelo...

Page 1: Amaqhawe Oshintsho - UNIC Pretoria · onke amaqhawe ongawathola ukuvikela isimo sendalo nemvelo ekulinyazweni kanye nokuqinisekisa amalungelo abantu kuwo wonke umuntu ngokuvikela

Amaqhawe OshintshoAmaqhawe OshintshoAmaqhawe OshintshoAmaqhawe Oshintsho

IsiZuluAMAKHOMIKI AMAKHOMIKI AMAKHOMIKI AMAKHOMIKI AHLANGANISA AHLANGANISA AHLANGANISA AHLANGANISA

IZIZWEIZIZWEIZIZWEIZIZWE

Page 2: Amaqhawe Oshintsho - UNIC Pretoria · onke amaqhawe ongawathola ukuvikela isimo sendalo nemvelo ekulinyazweni kanye nokuqinisekisa amalungelo abantu kuwo wonke umuntu ngokuvikela

Ukubonga abafake isandla:Amakhomiki Ahlanganisa Izizwe: Amaqhawe Oshintsho

Indaba - ngoJosh Elder, uNatabara

Rollosson kanye noSean Southey

Ubuciko - ngoGrace Allison kanye noKarl Kesel

Umbhali wendaba yekhomiki - nguGrace Allison

Ukuhlela - nguJosh Elder

Umdizayini wencwadi – ngu-Ed Roeder

Ukuhunyushwa kwenziwe ngabeMasihlangane Communications

Amakhomiki Ahlanganisa Izizwe: Amaqhawe Oshintsho copyright © 2015 by Project Everyone, PCI Media Impact kanye ne-Reading With Pictures.

Imibhalo yencwadi ingasabalaliswa mahhala, ngaphansi

kwabophiki lwe-Attribution-NonCommercial-NoDerivatives 4.0

International Creative Commons License.

Ukuthola olunye ulwazi olunabile:

https://creativecommons.org/licenses/by-nc-nd/4.0

Indlela yokufunda Ikhomiki

Izincazelo zezithombe zivamise ukuqukatha ukulandwa kwendaba, kodwa kwezinye izikhathi, ziqukethe ukuxoxisana kwabantu, noma ulwazi lwemibhalo.

Amaphaneli awuhlaka oluqukethe isigamu esisodwa sesinyathelo. Amaphaneli angaba yinoma yimuphi umumo noma usayizi. Funda amaphaneli ukusukela esandleni sobunxele ukuya kwesokudla, ukusuka phezulu ukuya phansi.

Amagatha ayizikhalana phakathi kwamaphaneli. Lapha, kulapho umfundi okumele abone ngeso lengqondo isinyathelo ukusuka kwiphaneli ukuya kwenye iphaneli.

Amabhaluni amagama aqukethe ingxoxo phakathi kwabalingisi. Umsidlana wegqamuza ukhomba isikhulumi.Kwesinye isikhathi imibala ehlukene, umumo, noma amafonti emibhalo asetshenziswa ukukhombisa ubunjalo nenhlobo yomlingisi.

Yenza kancane! Funda umbhalo nezithombe.Cabanga ngalokho okwenzekayo phakathi kwamaphaneli.

Page 3: Amaqhawe Oshintsho - UNIC Pretoria · onke amaqhawe ongawathola ukuvikela isimo sendalo nemvelo ekulinyazweni kanye nokuqinisekisa amalungelo abantu kuwo wonke umuntu ngokuvikela

Lona ngumhlaba. Uma uqhathaniswa namanye amaplanethi, wona mkhulu.

Ungumhlaba onezimanga…

…zombili zemvelo…

…kanye nalezo thina esizenzele zona.

Kodwa akukho emhlabeni okuyisimanga ukudlula amabhiliyoni abantu a

bawubiza ngekhaya labo.

Ngoba sonke sinokuthile

okubalulekile ngaphakathi kithina:

Ikhono lokubona ngamehlo engqondo umhlaba oncono

kanye nokuthatha isinyathelo sokufezekisa

ubukhona bawo.

Ngabe akuwona amandla amakhulukazi lokho?

Kanti uma sisebenzisa lawo mandla ukusiza abanye,

ngabe lokho ngeke kwasenza sonke…

ukuba ngamaqhawekazi?

Page 4: Amaqhawe Oshintsho - UNIC Pretoria · onke amaqhawe ongawathola ukuvikela isimo sendalo nemvelo ekulinyazweni kanye nokuqinisekisa amalungelo abantu kuwo wonke umuntu ngokuvikela

Yinto enhle leyo, ngoba umhlaba u dinga onke amaqhawe ongawathola ukuvikela isimo sendalo nemvelo ekulinyazweni

kanye nokuqinisekisa amalungelo abantu kuwo wonke umuntu ngokuvikela abantu

kwinqubo enganabulungisa, inhlupheko kanye nokungalingani.

Kodwa, akukho noyedwa –

ngisho neqhawekazi elikhulukazi imbala –

elinamandla alingene ukuthwalo umhlaba

lilodwa.

Kodwa sisonke, singenza izimanga.

Sisonke, singaxazulula noma yiyiphi inkinga kanye nanoma

yiyiphi inselele.

Esikudingayo nje, yisu.

Kungako abe-United Nations bekhulume nabantu abangu 7miliyoni emazweni

angu 193, ukubabuza imibono yokuthi singalungisa kanjani, yonke into ngonyaka ka 2030.

Kulawo mamiliyoni ezingxoxo, kwaqhamusa Izinhloso Zomhlaba zeNtuthuko Eqhubekela Phambili –

isu lezomnotho, lezenhlalisano yabantu kanye nentuthuko yesimo sendalo nemvelo ukuhlangabezana

nezidingo zanamuhla ngaphandle kokucikela phansi imithombo yosizo yangomuso.

Page 5: Amaqhawe Oshintsho - UNIC Pretoria · onke amaqhawe ongawathola ukuvikela isimo sendalo nemvelo ekulinyazweni kanye nokuqinisekisa amalungelo abantu kuwo wonke umuntu ngokuvikela

Cabanga ngeziNhloso zoMhlaba ezingu 17 njengohlelo lwezinto abantu okumele bazenze

kanye neplanethi – indlela yethu yokusebenzisana ukuze sithole izixazululo

zazo zonke izinkinga ezinkulukazi zomhlaba.Ngeke kubelula, kodwa kungenzeka.

Kanti futhi uma izinhloso zifezeka, kuzokwenza ukuthi umhlaba ube yindawo enobulungisa, esimamayo

futhi ephephile kithi sonke.

Izinhloso Zomhlaba Zentuthuko Eqhubekela Phambili

Kodwa ukwenza izinhloso kuseyiqalo nje. Kusemahlombe awo wonke umuntu

ukuthatha isinyathelo kanye. nokuqinisekisa ukuthi izinhloso ziyafezeka.

Wonke umuntu ubandakanya nawe.

Ngabe usalindeni? Pheqa ikhasi

ukuthola ukuthi yini

ongayenza ukusiza!

Ukungabibikho kwenhlupheko

Ukungabibikho kwendlala

Impilo enhle kanye nokuphila kahle kwabantu

Imfundo yeqophelo

Ukulingana ngokobulili

Amanzi ahlanzekile kanye nokuchithwa kwendle ngendlela ehlanzekile

I-eneji engabizi kanye nehlanzekile

Imisebenzi yesithunzi kanye nokukhula komnotho

Ubuqambi bezimboni bezinto ezintsha kanye nezingqala-zizinda

Ukuphungula inqubo yokungalingani

Amadolobhakazi nemiphakathi eqhubekela phambili

Ukusebenzisa izinto nokukhiqiza ngendlela ebonelelayo

Ukuthatha izinyathelo ngokuguquka kwesimo sezulu

Impilo ngaphansi kwamalwandle

Impilo phezu komhlaba

Uxolo, Ubulungisa kanye nezikhungo eziqinile

Ukusebenzisana ngokweziNhloso

Page 6: Amaqhawe Oshintsho - UNIC Pretoria · onke amaqhawe ongawathola ukuvikela isimo sendalo nemvelo ekulinyazweni kanye nokuqinisekisa amalungelo abantu kuwo wonke umuntu ngokuvikela

1: FUNDA NGEZINHLOSOThola ukuthi yini izinhloso ebese uthola ulwazi ngokuthi kungani

zibalulekile kuwe kanye nasempilweni yakho!

2: TSHELA WONKE UMUNTUIndlela eyodwa engenza ukuthi izinhloso

ziphumelele, ukuzenza ukuthi zidume ngokwaziwa, ngakho-ke, thola izindlela ezinobuhlakani zokutshela abantu obaziyo Ngezinhloso

Zomhlaba kanye nokubakhuthaza ukuthi nabo benze kanjalo!

Ama angatshintsha umhlaba, globalgoalskodwa uma sisebenzisana sonke! #telleveryone

Page 7: Amaqhawe Oshintsho - UNIC Pretoria · onke amaqhawe ongawathola ukuvikela isimo sendalo nemvelo ekulinyazweni kanye nokuqinisekisa amalungelo abantu kuwo wonke umuntu ngokuvikela

3. YENZA OKUTHILE

Sebenzisana nezinhlangano

ezibhekana nezinto ezibaluleke

kakhulu kuwe, xhumana

nohulumeni wakho nokuthola

izindlela zokuba yiqhawe

loshintsho

emphakathini wakho!

Ngoba, nalu udaba: Sonke sinamakhono

abalulekile, umuntu nomuntu onabaluleke

ngakho ukusiza ukushintsha iplanethi

yethu – kanye nangendlela esiphila ngayo –

ukuze sense izinto ngcono.

Ngakho-ke, thola Amandla

amakhulukazi angaphakathi

kuwe kanye nokwabelana

nomhlaba ngawo!

Sisonke, singafezekisa

izimanga!

Page 8: Amaqhawe Oshintsho - UNIC Pretoria · onke amaqhawe ongawathola ukuvikela isimo sendalo nemvelo ekulinyazweni kanye nokuqinisekisa amalungelo abantu kuwo wonke umuntu ngokuvikela

I-World's Largest Lesson yiprojekthi yemfundo yensebenziswano yenhlangano ye-United Nations Global Goals for Sustainable Development (Izinhloso Zomhlaba Zentuthuko eQhubekela Phambili zabeNhlangano Yezizwe Ezihlangane). Iprojekthi iwubufakazi bokubaluleka Kwensebenzisano ngeziNhloso Zomhlaba ezingu 17 (Global Goal 17 “Partnerships for the Goals”) kanti futhi lokhu bekungeke kwenzeke ngaphandle kosizo lwabo bonke abasebenzisana nathi kanye nokusebenzisana bona ngokwabo.

Sibonga kwiqembu labasunguli bethu le-Founding Team:

Ihlinzekwe ngamandla ngabe: Yasabalaliswa ngabe: Yahunyushwa ngabe: Masihlangane Communications

Sibonga kakhulu kulabo abasebenzisana nathi kuwo wonke umhlaba:

Amasu emfundo, enziwe ngokusebenzisana nabe: Think Global www.think-global.org.uk. Ukuqhubela phambili imfundo elungile ukwenzela umhlaba oqhubekela phambili.

Translated and reprinted in IsiZulu by: United Nations Information Centre (UNIC) Pretoria